UMNDENI wowabe eyintatheli yakwaSABC ebimnkantshubomvu uthi iphumule ezinhlungwini nokukhandleka kokugula. Lokhu kushiwo nguMnuz Wandile Ndlovu oyindodana kaMnuz Stu Thembuyise Ndlovu (59), oshone ngoLwesibili entathakusa emuva kokuxinwa wukugula. UGatsheni obedume kanjalo kozakwabo, wathatha umhlalaphansi ngoMashi 2016 ngenxa yokugula.
“Kubuhlungu ukushona kukababa yize egulile kodwa kunzima ukwamukela. Sizame konke kodwa ubesekhandlekile ngenxa yezinhlungu nokugula. Yize kubuhlungu kodwa uphumule ezinhlungwini,” kusho uNdlovu.
Umufi owake wafunda izindaba kuKhozi FM, ubesebenze iminyaka engu-20 kwaSABC. Ushone esegxile ekucosheleni izindaba zezemfundo. Ukushona kwakhe kunyakazise zonke izinhlaka zomphakathi, okubalwa ozakwabo abebelokhu bebhonge emswaneni ezinkundleni zokuxhumana.
UBongani Mavuso osemkhakheni wezindaba, uthe ngaphandle komsebenzi umufi ubeyisishoshovu ekubhekeleni amalungelo abasebenzi njengoba kunguye owabajoyinisa inyunyana, iCommunications Workers Union (CWU).
“Nami ngajoyina le nyunyana ngenxa yakhe ngoba nangesikhathi enguthisha wayephambili kwiSadtu. Nguyena obenxenxa abasebenzi abaningi beSABC ukuthi bajoyine iCWU. Kuthe noma esethathe umhlalaphansi kodwa ubeqhubeka nokusinikeza amasu neziyalo ngomzabalazo,” kusho uMavuso.
Oyiphini likaMengameli weNatu uMnuz Allan Thompson uthe ukuthatha umhlalaphansi kukaGatsheni kwashiya esikhulu isikhala, baze bakhala kwaSABC ngokungacoshelwa kahle kwezemfundo. Uthe iNatu ibihlomula nangeziyalo zakhe.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwana uncome umufi ngomsebenzi awenzile ukuphakamisa imfundo ngenxa yokubika ngokuthembeka ngokungachemi.
“Sizomkhumbula ngokusebenza kwakhe ngokuzikhandla, indlela abeziphethe kahle ngayo nangamancoko abenawo. Siyazwelana nomndeni wonke, abangani nozakwabo abesebenza nabo kwaSABC,” kusho uDlungwana.
Umufi wajoyina iSABC ngo-1996 ekade enguthisha eMqhawe High eMzinyathi. Wayengumngani omkhulu futhi eyisihlobo sikaMnuz Mtholephi Mthimkhulu owayeyilungu lesiShayamthetho esifundazweni naye ongasekho. Wazalwa eZimpondweni, eNdwedwe, okuyilapho umndeni wakhe uthe wacela ukungcwatshwa khona.
Ubebambe elikhulu iqhaza nasebandleni lakhe i-Apostolic Church Southern Africa, eyi-Elder esifundeni saKwaMashu.
Ngo-1998 waba sengozini yemoto eyamlalisa esibhedlela isikhathi eside kodwa wabuye wasinda, wabuyela emsebenzini. Ngesikhathi sokuloba abeSABC bathe abakenzi malungiselelo mayelana nenkonzo yokumkhumbula. Inkonzo yomngcwabo izoba sekhaya eZimpondweni lapho ezofihlwa khona.
Umufi ushiye umkakhe nezingane ezinhlanu.