SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni kwemenenja kaMasipala waseDumbe, uMnuz John Khumalo.
UKhumalo ushone engozini yemoto eyenzeke phakathi kwedolobha iDumbe neVryheid, ngoLwesithathu, ekuseni.
Imininingwane yengozi edlule nomphefumulo kaKhumalo ayicacile kahle.
Izithombe ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana zikhombise imoto kaKhumalo nenye ukuthi zitholane mahlanze.
Zombili izimoto bezishayiseke kakhulu ngaphambili, enye yazo ibilele ngohlangothi.
UKhumalo uchazwe njengesikhulu ebesizinikele emsebenzini waso futhi sikwazi ukusebenza nawo wonke amaqembu ezepolitiki.
UKhumalo usebenze kulo mkhandlu kuphethe i-IFP, nangesikhathi kuphethe i-ANC, njengoba manje sekuphethe iNFP.
USotswebhu we-NFP esifundeni iZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaKhumalo.
“Ibuhlungu indaba kaMntungwa, umuntu obezinikele ekusebenzeleni umphakathi, ubenothando nentobeko. Ziningi izindawo uKhumalo asebenze kuzo. Umsebenzi ubewenza ngokwethembeka.”
UNtombela uthe uKhumalo ubesebenza nabo bonke abaholi bamaqembu ehlukene.
“UMntungwa usebenzile ebuholini be-IFP, obe-ANC nobe-NFP. Ubekwazi ukuhlukanisa ipolitiki yobuqembu nomsebenzi kahulumeni. Zimbalwa izimenenja zomasipala ezisebenze ngaphansi kwamaqembu ahlukene. Uyingxenye yabambalwa abasebenze ngokwethembeka emaqenjini ehlukene.
UNtombela uthe ngeke bawakhohlwe amagalelo kaKhumalo.
“Sifisa ukukhalela umkakhe, izingane zakwabo, izingane zakhe, umndeni kanye noMkhandlu waseDumbe. Sisadumele namanje ngalezi zindaba esivuke ngazo.”
UKhumalo uyindodana yengwevu ye-IFP engasekho, uMnuz Zakhele ‘MZ’ Khumalo, owayengunobhala wezokuphatha kwi-IFP futhi esondelene kakhulu nomsunguli wale nhlangano, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Imizamo yokuthola iMeya kaMasipala waseDumbe, uMnuz Sibusiso Mkhabela, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi engazange ayiphendule imiyalezo ayithunyelwe.
Kanjalo nemizamo yokuthola umndeni ayizange iphumelele.