KUSHONE elayizolo kusabalele imibiko yokuthi kushone abantu ababili abebemi kulayini wokuyovuselela izigubhu zabo ohlelweni lokuvuselela izigubhu zikagesi wekhadi oluqhutshwa yi-Eskom olubizwa nge-Key Revision Number (KRN2).
ENewcastle, KwaZulu-Natal kushone owesifazane (70) ngabo 6 ekuseni obemi kulayini omude wokuyovuselela isigubhu sikagesi wekhadi.
Ngokuthola kweSolezwe owesifazane ubemi kulayini kusukela ngo-2 entathakusa ngoba ubengafuni ukuthi kushaye umnqamulajuqu kaNovemba 24 isigubhu sakhe singangenanga ohlelweni lweKRN2.
UColonel Robert Netshiunda wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aseNewcastle avule idokodo emuva kokuthi owesifazane (70) ewile washona.
Uthe amaphoyisa asaphenya ngembangela yokushona kwakhe.
Isiteshi sezindaba sethelevishini iNewzroom Afrika sibike ukuthi kushone owesilisa naye obemi kulayini wokuvuselela isigubhu sakhe sikagesi wekhadi eSoweto.
Isolezwe lizamile ukuthinta abase-Eskom ukubabuza ukuthi bayazi yini ngalezi zigameko nokuthi yini abazoyenza ukuqinisekisa ukuthi abantu abadala abashoneli kolayini.
Ithimba elibhekele abezindaba likuqinisekisile ukuthi liyitholile imibuzo yeSolezwe lathembisa ukuthi lizoyiphendula.
Okwamanje umnqamulajuqu kaNovemba 24 usamile njengoba i-Eskom ithi wuhlelo olungakwazi ukuhlehliswa lolu ngoba uma sekudlule usuku olunqunyiwe izigubhu ezingangenanga ohlelweni olusha zizocima.
Izolo abantu bebekhala ngolayini abade ezikhungweni zase-Eskom besho nokuthi uthola ukuthi isikhungo sinabantu ababili abasebenzayo ikakhulu ezindaweni zasemakhaya okubalwa oMtubatuba nezinye eziseNyakatho yeKwaZulu-Natal.
ISouth African Local Government Association igqugquzele omasipala ukuba balekelele abantu ukuba bangene kulolu hlelo olusha.
Ithe selokhu kwaqala uhlelo lwe-Token Identifier (TID) ibibheka ukuthi bangaki abantu asebeshintshele ohlelweni lwe-KRN2.
Iveze ukuthi njengamanje zingaphezulu kuka-2 million izigubhu ezidinga ukungena ohlelweni olusha.
UDkt Silas Mulaudzi oyisazi samandla eSalga uthe izigubhu eziningi ezingakangeni ohlelweni olusha yilezo abanikazi bazo abakokotele ugesi.
Uthe bakhona nalabo abawuthengayo ugesi abangazi noma izigubhu zabo sezingenile yini ngaphansi kweKRN2.
Ucele amakhansela ukuba alekelele abantu abadala nabaphila nokukhubazeka esho nokuthi kunezinamba ezifakwa esigubhini ezisheshe zicacise ukuthi isigubhu singaphansi kohlelo olufanele.
Ukubheka ukuthi isigubhu sibhalisiwe kufanele abantu bafake le namba 1844 6744 0738 4377 2416. Uma le namba ingasebenzi kufanele bacindezele lezi ezilandelayo
-L&G(E460)-i057 enter
-L&G(PLC2)-i057
-Conlog-#005#
-Voltex-005 enter
- Bekezela-cindezela ibhathini elibomvu, ulibambe kuze kuvele amadothi bese ufaka u-005 enter
Uma isigubhu siveza u-2 kusho ukuthi sesibhalisiwe ngaphansi kohlelo olusha kanti uma siveza u-1 kusho ukuthi kufanele sibhaliswe.
EThekwini nakhona umasipala ukhiphe isithombe esichaza ngokufanele kwenziwe ngabantu ukuqinisekisa ukuthi izigubhu zabo zikwiKRN2.