UPHIKO lwe-Asset Forfeiture Unit (AFU) kwiNPA, ngokubambisana nabe-Investigating Directorate (ID), banikezwe imvume yokushaqa impahla yesamba sika-R165 million kusomabhizinisi, uMnuz Thoshan Panday, nowayengunkosikazi wakhe, uLieutenant-General Mmamonnye Ngobeni, owayengumkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, nabanye abayisikhombisa.
NgoMashi 29, 2023 iNPA inikezwe imvume yokushaqa impahla yalabo abenza inzuzo ngobugebengu. Namuhla ekuseni uphiko lwe-AFU luphume umkhankaso wokushaqa impahla ezindaweni ezahlukene eThekwini.
Konke lokhu kumayelana necala lobugebengu elavuwa ngo-Okthoba 2021 lapho kunabasolwa abayisishiyagalolunye abasolwa ngobugebengu obuhleliwe.
Abasolwa abashaqelwe impahla yabo nguColonel Navin Madhoe, uCaptain Ashwin Narainpershad, usomabhizinisi, uMnuz Toshan Panday, namalungu omndeni wakhe, uNkk Arvenda Panday (umama wakhe), uNkk Privisha Panday (owayengunkosikazi wakhe), uMnuz Seevesh Maharaj Ishwarkumar (ongusibali wakhe), noNkk Kajal Ishwarkumar (udadewabo) kanjalo noMnuz Tasleem Rahiman (owayengumsizi wakhe emsebenzini nalowo owayengumkhuzi wamaphoyisa esifundazweni.
Kuthiwa laba bahlanganyela ndawonye ukugebenga umbutho wamaphoyisa imali elinganiselwa kuR47,3 million ngezenzo zenkohlakalo, ukukhwabanisa, ukufumbathisa, ukufoja nokushushumbisa imali ngaphambi kwemidlalo ye-2010 FIFA Soccer World Cup (SWC).
Le ncwadi egunyaziwe ngeyokushaqa impahla yesamba esingaphezu kuka-R165million okuthiwa yatholakala kusetshenziswa ibhizinisi nabantu abathile kulobu bugebengu. UMbuso uthi lezi zikhulu ezintathu zamaphoyisa aziyilandelanga imigudu nemigomo efanelekile yokusebenza kwemali yoMbuso neminye ngesikhathi kufakwa izicelo zezindawo ezazizosetshenziselwa ukuhlala ngo-2010 futhi baziba izicelo ezaziqhamuka kosomabhizinisi abanezindawo ezivame ukusetshenziswa amaphoyisa.
Izindawo ezakhethwa yilaba kuthiwa zazikhushulwe intengo ngokuphindaphindiwe ngesikhathi zisetshenziswa ngamaphoyisa ngalowo nyaka futhi yonke into yayenziwa kusheshwa, kungabhekelelwanga nokwakufanele kwenziwe ngokulandela imiyalelo yehhovisi elikhulu likazwelonke.