KUPHAZAMISEKE ukubhala kwezivivinyo zabafundi, baseJ. E. Ndlovu High School KwaMashu, izolo ekuseni ngesikhathi abazali bevuka indlobane bevala thaqa isango bexosha uthisha abamsola ngokuhlukumeza abafundi.
Ngokuthola kweSolezwe uthisha wesilisa osolwa ngalokhu kuvinjwe imoto yakhe phambi kwesango lesikole iqulu labazali limemeza igama lakhe.
Kuthiwa bebemthuka besho nokuthi abamfuni ngaphakathi emagcekeni esikole.
Kuthiwa kuphazamisekile ukubhala kwabafundi bakaGrade 10 no -11 baze baqala ukubhala sekudlule amahora amabili.
Umthombo uthe kuthathe isikhathi eside ukuba uthisha aphume ngaphakathi emotweni yakhe njengoba abazali bebesho ukumqeda bemsabisa ngokuthi uma eke waphuma uzoyikhotha imbenge yomile.
“Asazi ukuthi kwenzekani kulesi sikole. Esikutholile ukuthi usolwa ngokuthuka uthishomkhulu. Okunye asolwa ngakho ukuhlukumeza abafundi,’’ kulandisa umthombo.
Omunye umzali onengane efunda kulesi sikole, ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uthe baphuthume esikoleni ngesikhathi bezwa kuthiwa uthisha uvukelwa yiqulu labazali.
Uthe ngesikhathi befika esikoleni bafice iqulu labazali likhiye isango linqaba ukumvulela isango uthisha.
Uthe ngenxa yokushuba kwesimo kuze kwaphoqa ukuthi kubizwe amaphoyisa ngokushesha.
“Kusize ukufika kwamaphoyisa ngoba isimo besingesihle. Uthisha ugcine esephindela emuva engasangenanga esikoleni,’’ kulandisa umzali.
Omunye umthombo uveze ukuthi omunye wothisha abasezikhundleni eziphezulu ngaphakathi esikoleni nguyena ophehla udweshu lokuba abazali bavukele uthisha.
“Kukaningi sizwa ukuthi uthisha onesikhundla esiphezulu kulesi sikole akamfuni nokuthi ambone uthisha u……Kodwa besingakulindele ukuthi usengaze asebenzise abazali pho ukufeza izinhloso zakhe?
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe abahloli bayalusebenza udaba.
Ugxeke abazali wathi akumele kuze kufinyelele esigabeni sokuthi bayamjijimeza uthisha.
Uthe uma ziyiqiniso izinsolo ezibhekiswe kuthisha zokuhlukumeza abafundi naye kumele akuyeke lokho.