INHLANGANO eyengamele ukusebenza kwamatekisi KwaZulu-Natal, iSantaco isinxuse ukuthi kube nokubekezelelana phakathi kwabagibeli nabashayeli bamatekisi.
Lokhu kuza emva kwesigameko esenzeke ngasemgwaqweni uBrickfield eThekwini ngeSonto ntambama lapho okuthiwa umgibeli udubule wabulala umshayeli wetekisi emva kwengxabano.
Yize noma kungakacaci ukuthi itekisi ingaphansi kwamuphi usoseshini kodwa kuthiwa ibisuka ePinetown ibheke eThekwini.
Umxhumanisi ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Sfiso Shangase uthe sibashaqisile isigameko sokudutshulwa kubulawe umshayeli wetekisi.
“Kungakuhle uma kungaba khona ukubekezelelana phakathi kwabagibeli bethu nabashayeli ngoba kwesinye isikhathi ingxabano igcina ichaphazela nabanye abantu abaseceleni,” kusho uShangase.
Uthe uma kwenzeka kuba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwabo, mabathole indlela yokuxazulula lokho abasuke bengaboni ngasolinye ngakho.
“Kuyadabukisa ukuthi kukhona oze wagcina elahlekelwe umphefumulo kulandela lesi sigameko,” kusho yena.
Uthe okwamanje basazama indlela yokuthola ukuthi itekisi ibisebenza kumuphi usoseshini ukuze bathole nomnikazi wayo, ake achaze naye ukuthi umshayeli wetekisi yakhe ubewuhlobo luni lomuntu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe umshayeli wetekisi okukholakala ukuthi uneminyaka elinganiselwa ku-30.
“Ubulawe emgwaqweni onguthelawayeka uN3 ngakuBrickfield. Kuthiwa ubeshayela itekisi ebisuka ePinetown ilibangise eThekwini. Kuthiwa udutshulwe amahlandla amaningi wumgibeli ongaziwa emva kwengxabano,” kusho uNetshiunda.
Uveze ukuthi ngesikhathi edutshulwa umshayeli imoto ibihamba kodwa akulimalanga muntu.