IMVULA enamandla idale umonakalo ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika.
Isililo siqale ukuzwakala esifundazweni iMpumalanga, kwase kukapakela ezingxenyeni zaKwaZulu-Natal, Eastern Cape, North West naseGauteng.
Kuphinde kwavulwa amanye amasango amabili edamini iVaal, nokuyinto okuthiwa ingaholela ekukhahlamezekeni kwezinye izindawo.
South Africa under Flood at Moment - Another view of the Vaal Dam 12 Sluices are open at moment with dire warnings of Flooding further down the river Systems. pic.twitter.com/ysAUdfouse
— Herman Moore (@HermanM50891526) February 19, 2023
Okhulumela uMnyango wezaManzi nokuhanjiswa kweNdle, uWisane Mavasa, uthi ukugcwala kwemifula iVaal ne-Orange, yikhona okuphoqe ukuba kuvulwe amasango amadamu iVanderkloof neBloemhof.
“Njengoba imvula iqhubeka nokuna ngamandla ezingxenyeni eziningi zezwe, imifula nayo iyagcwala ithelele emadamini amaningi. Yingakho kubalulekile ukuthi avulelwe amanzi emadamini ukuze kuphephiswe ingqalasizinda yawo,” kusho uMavasa.
Kunxuswe izakhamuzi ezakhelene nedamu iVaal, ukuba zithole indawo ephephile ukuze zingakhukhulwa amanzi njengoba egijima ngamandla. Izindawo eziningi kule ndawo okubalwa kuzo imigwaqo nengqalasizinda ebalulekile, zicikeleke phansi kulandela ukuvulwa kwamasango angu-12 aleli damu.
ENorth West amathimba ezinhlekelele asebenza ngokuzikhandla ukutakula izakhamuzi ezihlala ezindaweni ezisezansi buqamama nedamu iBloemhof.