KUMINYANE utshumo kwabamhlophe indlela yonke eya eBuhleni, eNanda, kusukela ngoMgqibelo kungena umhlangano waminyaka yonke wamaNazaretha.
Kulindeleke ukuthi umhlangano wamaNazaretha ungene kusukela ngoJulayi 1, uze uphume ekupheleni kwenyanga.
Uma sekungene umhlangano amaNazaretha avele agxumeke amadokodo ahlala kuwona kuze kuphele umhlangano. Babuye bathole nethuba lokunikela babike izinkinga zabo kanti amanye basuke bebonga okuhle.
Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uchaze kabanzi ngomhlangano nomsuka wawo. Uthe konke kumi ngomumo ngamalungiselelo futhi ahamba kahle kanti kwamukelwa wonke umuntu.
“Kuzoba khona imigidi emikhulu eyisikhombisa, nomgidi wabantu bonke, kusuke kuphuma imishado, kukhethwe kwabasuke befuna ukukhetha izintombi. Kukhona nabasuke bezobhabhadiswa. Kusuke kukuhle kudelile kumnandi ngoba yinto enhle lena,’’ kuchaza uMncwabe.
Uthe umhlangano kaJulayi ubaluleke kakhulu kubona beyibandla ngoba waqala ngumsunguli walo inkosi Isaiah Shembe, uMqali wendlela. AmaNazaretha ayaziwa ukuthi abaye abe nenkonzo ngoJaunuwari lapho asuke enyuka khona eya entabeni yawo engcwele eyothandaza.
“Umqali wendlela wayelalela izwi uma likhuluma naye lithi akenze umhlangano kaJulayi, noma lithi akenze umhlangano kaJanuwari, bese enza njalo. Sihamba ezinyathelweni zakhe namanje njengoba siqhubeka nalezi zinkonzo. Kule nkonzo abantu basuke bexhumana noNkulunkulu belindile entabeni isikhathi eside bethandaza,’’ kulandisa uMncwabe.
Uthe inyanga yonke nje, amaNazaretha ayazi kahle ukuthi kufanele azile isinkwa ngoba sinemvubelo bese ezila nokunye okuningi athe akushiwo esidlangaleni kodwa kuyaziwa esontweni labo.
Kungena inkonzo nje, amanazaretha aseBuhleni kade esanda kungenisa eThekwini, kwaba mhlophe yonke indawo ehambise umkhuleko enkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida.