KUKHALWE ngothishanhloko bezikole zakuleli abala ukhasha ukudiliza izindlu zangasese zomgodi noma sebakhelwe ezintsha.
Labo thishanhloko kuthiwa noma betshelwa ngobungozi bokugcina lezi zindlu zomgodi, uma sekukhona ezintsha, kodwa bayaqhubeka bafune zingadilizwa.
Lokhu kuvele ngesikhathi uMnyango weMfundo eyisiSekelo kuleli, kanjalo nowezeMfundo KwaZulu-Natal, uvele ngaphambi kwekomiti lezemfundo ePhalamende.
Embikweni owethulwe kulo mhlangano kuvele ukuthi lide ibanga eselihanjiwe ukuqeda ngezindlu zangasese eziwumgodi kuleli.
Amaqembu aphikisayo nezinhlangano ezehlukene zihlale zikhala ngokuthi umnyango uyehluleka ukuqeda ngalezi zindlu zangasese ezikoleni.
Uhlale ugxekwa ngobungozi balezi zindlu zangasese njengoba kwezinye izikole kwashona abafundi abaphonseka phakathi beyozikhulula.
IPhini likaNgqongqoshe kulo mnyango, uDkt Reginah Mhaule, lithe lide ibanga eselihanjiwe ukuqeda ngalezi zindlu ezikoleni.
Uthe kwezinye izindawo kunenkinga yamanzi ngakho abakwazi ukuhlinzeka ngezishaywayo.
“Ngeke sikubalekele ukuthi ezweni lethu kunenkinga yokushoda kwamanzi. Kwezinye izindawo amanzi awekho, okuba yinkinga ukuthi sihlinzeke ngezindlu ezishaywayo.”
UNksz Tsholofelo Diale, womnyango kazwelonke, uveze ukuthi zimbalwa izikole ezisilele emuva ezinezindlu zangasese zomgodi ezingakaphothulwa.
“Sinenkinga enkulu yezikole ezinqaba ukudiliza izindlu zangasese zomgodi. Noma sekukhona ezintsha azifuni ukuthi zidilizwe. Sinenqwaba yezincwadi zezikole ezicela ukuthi zingadilizwa ezindala. Noma sizama ukuchaza ngobungozi bazo kodwa azihambisani nalokhu esisuke sifuna ukukwenza.”
UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uNkk Mbali Frazer, uthe cishe ezinhlelweni zabo sebenze u-95% wezindlu zangasese ababethembise ukuzakha, wathi bahlela ukuthi kuphele lo nyaka wezimali sebeziphothulile.
“Sikhathazekile ngokuthi abanye othisha nabafundi kudingeka basebenzise izindlu zangasese zomgodi. Yinto esingaziqhenyi ngayo ngoba akumele ngabe yinto esekhona.”
Kuvele ukuthi eKZN ayikho imali ebuyela emuva yengqalasizinda njengoba isifundazwe size sengezelwe imali ngoba siyisebenzisa yonke imali eyabelwe ukuphucula izikole.