UMBIKO woMcwaningi-maBhuku uveze ukuthi kukakwampunz' edla emini komasipala baKwaZulu-Natal njengoba uthole ukuthi iningi labo kaliyilandeli imigomo ebekiwe uma lisebenzisa isabelomali.
Umbiko uthole ukuthi u-92% wemali eyabelwe omasipala baKwaZulu-Natal isetshenziswe ngaphandle kokulandelwa kwemigomo ebekelwe ukuphathwa kwemali yomphakathi.
UMcwaningi-maBhuku, uNksz Tsakani Maluleke, ukuveze lokhu ngesikhathi ethula umbiko esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, izolo.
Uthe yingcosana yomasipala bakulesi sifundazwe elandela imigomo ebekiwe uma isebenzisa isabelomali, wathi komasipala abangu-54 baKwaZulu-Natal, bayisikhombisa kuphela okutholakale ukuthi bayayilandela imigomo uma besebenzisa isabelomali.
"Uma ubhekisisa kahle omasipala abancane kuphela abalandela imigomo. Lona u-8% wesabelomali somasipala baKwaZulu-Natal. Lokhu kusitshela ukuthi u-92% wesabelomali esitholwa omasipala baKwaZulu-Natal sisetshenziswa ngaphandle kokulandela imigomo."
UNksz Maluleke uthe kufanele bathathelwe izinyathelo omasipala abangayilandeli imigomo.
"Iningi lomasipala baKwaZulu-Natal liyehluleka ukulandela imigomo. Sonke siyazi ukuthi kubalulekile ukuthi kulandelwe imigomo. Ukungalandelwa kwemigomo kuzokwenza ukuthi abantu bengabethembi omasipala. Kufanele kuphele ukungalandelwa kwemithetho. Sekuphele iminyaka ewu-30 sathola inkululeko. Akufanele engabe sisabekezelela abantu abangayilandeli imithetho.
"Ngiyazi ukuthi kuhlezi kukhona abakhala ngokuthi eminye yemithetho yenza kube nzima ukusebenza komasipala. Kodwa iqiniso ukuthi akufanele sibekezelele ukungalandelwa kwemigomo. Iqiniso ukuthi-ke noma ingashintshwa le mithetho okukhalwa ngayo, sisazokuba nenkinga yokungahlonishwa kwayo leyo mithetho emisha uma sizozijwayeza ukubekezelela ukungalandelwa kwemigomo."
Omasipala abathathu bathole imibiko emibi ngendlela engachazeki.
UMasipala uMzinyathi noMasipala waseMzumbe, bathole imibiko ebizwa nge-adverse, kwathi uMasipala waseNdumeni wona wathola umbiko owaziwa nje-disclaimer. I-adverse uyithola uma umbiko ungelona iqiniso futhi ungekho kahle. I-disclaimer yona uma ungazange wathola umbiko wezimali ongakwenza uhlulele ngokusetshenziswa kwayo.
UNksz Maluleke uthe labo masipala kufanele bashintshe ukwenza.
"Le mibiko mibi kakhulu, angikholwa ukuthi kukhona omasipala abasathola lolu hlobo lwemibiko."
UMasipala waseMzinyathi usujwayele ukuthola lolu hlobo lombiko, muva nje, i-IFP isanda kukhomba indlela imeya yalo mkhandlu, uMfu Petros Ngubane.
UMasipala waseMzumbe nowaseNdumeni bona babenezinkinga zobuholi.
Umbango wobuholi eMzumbe waholela ekutheni i-ANC ixoshe inqwaba yamakhansela, kwase kuba nokhetho lokuchibiyela. ENdumeni khona i-IFP yaxosha imeya, uMnuz Siyabonga Ndlovu, ngonyaka owedlule.
Omasipala abathole imibiko enogcobho, uMsunduzi, Mdoni, Mtubatuba, Nongoma, Inkosi Langalibalele, uThukela, Amajuba noMkhanyakude.
Omasipala abathole imibiko emihle, iKing Cetshwayo, Mlalazi, Mhlathuze, Mvoti, Msinga, Mshwathi neRichmond.