BAGQUGQUZELWE ukuthi bangakhohlwa ukubaluleka kwemfundo osomabhizinisi besifazane emcimbini wokuvala inyanga yabesifazane obuhlelwe wuPhiko lweZokungcebeleka, eCoastal Beach Lounge eMgababa.
Izihambeli zalo mcimbi bekungosomabhizinisi besifazane abasemkhakheni wezokungcebeleka kanye nabafundi abasuka ezikoleni zaseMgababa, ebebegqugquzelwa izikhulumi eseziphumelele kulo mkhakha.
Kulezi khulumi kubalwa umpathi weqembu lebhola i- Lamontville Golden Arrows, uNksz Mato Madlala, uDkt Lungile Mhlongo ongumpathi we-Numa Medical Aesthetics eseMhlanga, uNkk Londy Ngcobo ongukapteni wemikhumbi kanye nomlingisi obonakala kwi-The Wife, uMbalenhle Mavimbela.
Ekhuluma uNksz Madlala, uthe abantu besifazane abangakhohlwa ukubaluleka kwemfundo kuyo yonke imkhakha abakuyo futhi wathi noma beziqalela amabhizinisi kumele babe nokunye abakufundele okuzobasiza uma izinto zingasahambi kahle.
UNkk Ngcobo ophinde abe ngumphathi wenkampani i-Global Maritime Youth, uthe yize noma engowesifazane omnyama wokuqala ukushayela imikhumbi kuleli, ufisa kungagcini ngaye kodwa kuvuleleke imnyango yabanye abesifazane kulo mkhakha we-maritime.
UMbali ukhulume ngemuva lakhe waphinde wathi abantu abangavinjwa izingqinamba zesikhashana ukuthi baphokophele phambili njengoba naye engalilahlanga ithemba ngesikhathi kuphela umsebenzi wakhe wokuqala emdlalweni waku eTV, Isipho ngaphambi kokulingisa indawo ehamba phambili ku-The Wife.
Obehambele lo mcimbi uNksz Qondi Xabise, uthe ufunde ukuthi kubalulekile ukuba nesitifiketi somunye umkhakha owufundele ukuze ukwazi ukuphephela kuwo uma ibhizinisi lingahambi kahle.
UNkk Winile Mntungwa, oyiPhini leNhloko yeDurban Tourism, uthe inhloso yalo mcimbi ukuthi njengoba isisemaphethelweni inyanga yabesifazane kuhlanganiswe osomabhizinisi besifazane ezimbonini zokuvakasha ezahlukene ukubabungaza nokubabonga ngamagalelo asebewenzile kulo mkhakha futhi bacobelelane ngolwazi.
“Siphinde sabona isidingo sokumema izikhulumi ezisuka emikhakheni evamise ukuphathwa abantu besilisa enjengeyemikhumbi nebhola. Lapho abantu besifazane bezofunda kulaba abesifazane ukuthi bangena kanjani kule mikhakha. Nezingane ezikhona kulo mcimbi zizothola ulwazi. Lo mcimbi unesiqubulo esithi, Khula Uqhakaze.”
Uphinde wathi imbangela yokuthi bakhethe ukwenza lo mcimbi endaweni esemakhaya ukuthi abantu babone ukuthi iTheku linezindawo ezihlukene eziningi kodwa nasemakhaya kunezindawo ezinhle.