KUBUNJWE ithimba eMnyangweni weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, elizongenelela emanyuvesi nasemakolishi amakhono, ama-TVET, abhekene neziteleka zezitshudeni.
Lokhu kudalulwe yiPhini likaNgqongqoshe lo mnyango, uMnuz Buti Manamela, izolo, ekhuluma emhlanganweni wekomiti lemfundo ephakeme nezinhlangano ezimele, abaphathi bamanyuvesi kanjalo nabasemakolishi.
UManamela uthe leli thimba lizobika kungqongqoshe nakumqondisi jikelele walo mnyango uDkt Nkosinathi Sishi.
Usho lokhu nje, kwamanye amanyuvesi okubalwa i-UKZN, Wits, kanjalo namanye amakolishi, kuqhubeka imibhikisho yezitshudeni ezikhala ngezinto ezithinta uxhaso lwe-National Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
“Sikhathazekile ngemibhikisho enodlame eyenzeka ezikhungweni ezehlukene. Sithola ulwazi kulezi zikhungo ngomnyombo wezinkinga zazo. Ngokuqokwa kwethimba, sizama ukusondela ezinkingeni ezikhona ezikhungweni ezehlukene ukuze singenelele,” kusho uManamela.
Kulo mhlangano kukhalwe ikakhulu ngokuphuza ukudedelwa kwemiphumela ka-matric yalo nyaka, kanjalo nokuphuza ukudedelwa kohlu lwezitshudeni ezixhaswe yiNSFAS, okwenze ezinye izitshudeni zagcina zingasenayo indawo yokufunda.
Ukuphuza ukuvalwa kokufakwa kwezicelo zoxhaso kulesi sikhwama kubhebhezela inkinga njengoba izikhungo ziphuzile ukudedela uhlu lwezitshudeni ezizoxhaswa, okwenza ezinye zangakwazi ukubhalisa ngenxa yokuthi izikhala zazo bese zinikwe abanye.
UManamela uyithintile eyokuphuza ukudedelwa kweka-matric okube nomthelela wokuthi kube nezikhalazo.
UDkt Marcia Socikwa obhekele imfundo yasemanyuvesi emnyangweni, uthe kuzokaniswa ezikhungweni ezinezinkinga ukuze zilungiswe.
Ukhalile ngokuphuza ukukhishwa kweka-matric kanjalo neyeNSFAS okwenze ezinye izitshudeni zangakwazi ukubhalisa ngesikhathi.
“Kunesikhalo ngesikalo esinguR45 000 sokukhokhela izindawo zokuhlala. Kunekomiti elijutshiwe ukubhekana nale nkinga ngoba kwezinye izikhungo iyona nto okukhalwa ngayo kakhulu. Odabeni lokuphuza ukukhishwa kweka-matric, uSishi uzoxoxa nozakwabo eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, ukuze ngomuso isheshe idedelwe le miphumela.”
UDkt Phethiwe Matutu wenhlangano yabaphathi bamanyuvesi i-Universities South Africa (USAf), ukhalile ngeyokuphuza ukukhishwa kwemiphumela ka-matric neyeNSFAS, wathi ezinye izikhala zezitshudeni kudingeke ukuthi zivalwe ezinye ngenxa yokuthi bezingaphenduli ukuthi ziyazamukela.
“Le inkinga enkulu edalekile ngoba uma sekuthiwa uyathathwa, ubekelwa isikhathi sokuthi ubhalise. Uma sidlula isikhala sakho, sinikwa omunye. Izitshudeni eziningi zichithwe ngokuthi azizange zizamukele ngesikhathi izikhala ngoba zilinde isinqumo seNSFAS, sokuthi ziyaluthola uxhaso noma azilutholi.”
Uthe akumele kubekwe imali eyisikalo sezindawo zokuhlala ngoba izikhungo azifani.
Usihlalo wekomiti, uNksz Nompendulo Mkhatshwa, uyalele umnyango neNSFAS ukuthi zibike njalo ngesonto ngebanga eselihanjiwe ezikhungweni ezinezinkinga.
“Sifuna ukwazi ukuthi kwenzakalani? Kunamalungu akhala ngokuthi nangonyaka ozayo sizobe sisakhuluma into eyodwa uma kuvulwa izikhungo.”