UPHUME enkantolo edangele, kuhlehliswa icala, owaxoshwa esikhundleni sokuba yikhansela le-ANC osolwa ngokudubula abulale uzakwabo eMayville, eThekwini.
UMnuz Mzimuni “Mzi” Ngiba (46) nabanye abasolwa abane aboshwe nabo, ubekade evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine.
Zithe zisuka amadaka, umshushisi u-Advocate Nhlanhla Shange wasukuma efaka isicelo kwiJaji uJacqueline Henriques, ukuba lihlehliswe icala.
Ubeke isizathu sokuthi akekho umshushisi omkhulu okunguyena owengamele leli cala. UShange uthe isizathu sokuthi angabi khona enkantolo uzakwabo wukuthi ushonelwe isihlobo sakhe.
“Uyoze abe khona emsebenzini emuva kwamasonto amabili, ekuqaleni kukaMeyi, ngakho ngicela ukuthi lihlehliswe icala,” kucela uShange.
Ijaji likhombise ukunengeka ukuthi icala kudingeka ukuthi lihlehliswe.
Libuzile ukuthi uShange ngeke yena akwazi ukubamba izintambo aqhubeke necala?
“Angifuni ukuzwakala sengathi anginalo uzwelo ngokwehlele uzakwenu kodwa kusukela ngoMashi kugcina ukuhlala leli cala, beningakazilungiseleli?” kubuza ijaji.
Ijaji libe selikhipha isinqumo sokuthi icala lihlehliselwa uJuni 13, nonyaka.
Likhiphe nomyalelo othi uMbuso nabamele abamangalelwa kuzomele bahlangane benze izendlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala engakashayi uMeyi 17.
Abamangalelwa okungoMnuz Nkosinathi Ngcobo, Sandile Mzizi Ngiba, Sifiso Mlondo noPhathesakhe Ngiba, bavele babhocobala, babuyiselwa ezitokisini beqhutshwa yiphoyisa indumalo ibhalwe ebusweni.
Abamangalelwa bathweswe amacala amabili okubulala uMnuz Siyabonga Mkhize, owanqoba ukhetho engasekho, nelungu le-ANC uMnuz Mzukisi Nyanga.
Babhekene namanye amacala amabili okuzama ukubulala abantu ababili ababesemotweni noMkhize noNyanga ngesikhathi behlaselwa emuva kokukhankasa eCato Crest, eMayville, ngo-Okthoba 2021.
Kwelinye icala, iJaji uHendriques libeke izinsuku okuzoqulwa ngazo icala lokubulawa kowayefundisa eMangosuthu University of Technology (MUT).
Icala kulindeleke ukuthi liqale ukulalelwa ngo-Okthoba 7 kuze kube uNovemba 1, nonyaka, eNkantolo eNkulu yaseScottburgh.
Abamangalelwa okungoMnuz Siyabonga Freeman Mahaye (35), Thobani Mhlongo (23), Kwanele Makhaye (29) noSihle Mkhize (23) bathweswe icala lokuthumba, elokuphanga kusetshenziswa udlame nelokubulala okuhleliwe uMnuz Chanlall Dwarika ngoMeyi, 2023.
Yagcwala izinkundla zokuxhumana i-video eyayikhombisa abamangalelwa beshaya umufi base bemfaka ngenkani emotweni yakhe iHonda SUV, bahamba naye. UDwarika watholakala eseshonile eNanda.