BAKHEXE imilomo abamabandla ahlukahlukene ngemva kokuvalwa kwezintshumayelo nemithandazo ezitimeleni. Yize kunjalo, kukhona abathi igcagcele esokeni ngoba kade babefuna ziqedwe izintshumayelo ezitimeleni. Bathe bebehlukumezeka ngoba bebehlanjalazwa ngoba bekukhona abebeshumayela ngabo.
Okhulumela inhlangano elwela amalungelo abantu abebehweba nabebekhonza ezitimeleni iDudula Movement, uMnuz Bheki Dzanibe, uthe bagqemeke udume lwengozi ngokuvalwa kwezinkonzo ngoba inkulu indima eziyidlalayo ekudambiseni izimo ezingezinhle.
Okhulumela inkampani yezitimela iPrasa eKZN, uMnuz Zama Nomganga, uthe udaba lokuvalwa kokuhweba nokusonta ezitimeleni, luqale lwadingidwa nezinhlangano ezimele imiphakathi ehlukahlukene.
UNomnganga uthe kufanele abantu bakhumbule ukuthi iPrasa iyinhlangano kahulumeni esebenzisana nomphakathi.
"Sine-forum esixoxisana nayo emele abantu abadayisa eziteshini."
Uthe okwenze benza izinguquko ukuthi izitimela ezindala zihlukile kwezamanje. Uthe ezamanje zakhiwe zafana namabhanoyi futhi ziwumhubhe.
"Kulezi zitimela awukwazi ukugida nokudayisa kuzo. Abantu abakwazi ukuphatha ama-burger."
Uthe izikhathi ziyashintsha kanjalo nokwenza izinto ziyashintsha.
"Nemigwaqo nemigomo kuyashintsha," kusho uNomnganga.
Uthe ebhanoyini awukwazi ukubhema, ukusonta nokuhweba.
Eqhuba uthe nokuthandaza ezitimeleni akusamukelekile ngenxa yokuthi kusuke kunabantu abahlukahlukene futhi bamazinga ezinkolo ezingefani. Uthe abanye basuke beyofesa kanti abanye basuke befunda, ngakho basuke befuna ukuthula.
"Ngakho awukwazi ukufaka inkonzo. Akukwazi ukuthi umuntu athandaze ngenye indlela, kube kukhona nabanye abathandaza ngenye indlela. Kukhona abathandaza bamemeze, ekubeni kukhona abathandaza buthule."
Uthe abantu abakhumbule ukuthi sikhona isikhathi Sabatha neSonto, ngakho abasebenzise zona ukudumisa uNkulunkulu ngezindlela ezahlukene.
Esephetha uthe phakathi nezinsuku abantu basuke betshisa izintshumayelo zangezimpelasonto nokucabanga ngezinye izinhlelo.
*Olunye ulwazi lucashunwe kuKhozi FM.