NAMHLANJE umhlaba wonke ugubha usuku lokugeza izandla kanti uMnyango wezeMfundo kuleli ngokubambisana nowezeMpilo, nabeLifebouy no-Uniliver bahambele isikole sodado, eThekwini.
UNgqongqoshe womnyango wezeMfundo oyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga uthe ukubambisana nezinhlaka ezifanele ukuze kuqinisekiswe inhlanzeko ezikoleni futhi kube nomthelela omuhle nakubafundi.
"Kuyangijabulisa ukuthi lolu suku silugubhe kulesi sifundazwe ngoba kuningi okusehlele kusukela ngezibhelu zangoJulayi kwabuye kwahlasela nezikhukhula. Lesi sifundazwe sidinga ukwesekwa kanti ukusebenzisana ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene nezinhlangano ezingenzi nzuzo kuyasilekelela kakhulu. Sifisa imikhankaso yenhlanzeko iqine ezikoleni ngoba nathi sinezinhlelo esisebenzela phezu kwazo, ukukhulelwa kwezingane ezincane simatasa siyazifundisa," kusho uNkk Motshekga.
Isikhulu esiphezulu kwa-Uniliver nakwaLifebuoy, uMnuz uJustin Apsey, sithe ukubambisana neminyango kahulumeni okubalwa owezeMfundo, nowezeMpilo nezinhlaka ezahlukene kuyinto eyenze umkhankaso walula futhi bazimisele ngokuqhubeka ngokusebenza ngokubambisana neminyango.
"Kuyasithokozisa ukuthi nangaphansi kwezingqinamba zeCovid-19 kodwa sikwazile ukuthi sibe nabafundi namhlanje. ILifebouy isihlanganise iminyaka ewu-140 yaba khona inhlanzeko nokuhlanza izandla kubalulekile futhi siyakugqugquzela," kusho u-Apsey.
Ungoti wezempilo uDkt Lynn Moeng Mahlangu, uveze ukuthi ukugeza izandla kuhlenge abaningi nangezikhathi seCovid ngakho kuyinto esemqoka nokumele yenziwe zikhathi zonke.