INKINGA yokuphela kwamanzi ihlehlise ukubhalisa kwezitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT), kwathi abanye abasebenzi bayalelwa ukuthi basebenzele emakhaya.
Umyalezo othunyelwe izitshudeni zakule nyuvesi eseMlaza, uveze ukuthi ukubhalisa kwezitshudeni ezikhuza ibuya kule nyuvesi kuhlehliselwe uMsombuluko ozayo.
Lo myalezo udalule ukuthi lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu sabaphathi.
“Uhlelo lokubhaliswa luzokwenziwa kusetshenziswa ubuchwepheshe. Izitshudeni ezibuyayo zizoze zibhaliswe ngoMsombuluko, uFebhuwari 5. Kuzoba namathoyilethi angomahamba nendlwana kanjalo kuphinde kubekwe ngezigubhu zamanzi azosetshenziswa yingcosana yabasebenzi abazobe besebenza,” kusho umyalezo kaRegistrar uDkt Phumzile Masala awuthumele izitshudeni kwiFacebook.
Kulo myalezo kuvezwe nokuthi ezinye izisebenzi azisebenzele emakhaya kuze kulungiswe isimo.
Ngeledlule kube nenkinga efanayo kwaze kwavalwa inyuvesi ngenxa yayo.
UMnuz Sizwe Luthuli unobhala wenhlangano yezitshudeni iSasco, uveze ukuthi bayazi ngenkinga yamanzi eseMUT.
Uthe inyuvesi ize yathumelela izitshudeni umyalezo ngale nkinga yamanzi.
“Lokhu kuphazamisa ukuqala konyaka njengoba kuhlehliswe ukubhalisa. Maduzane kuzobe sekubhalwa izivivinyo, ekubeni sincane isikhathi.”
Imizamo yokuthola abaphathi baseMUT ukuze baphawule, ayiphumelelanga ngoba imibuzo abathunyelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingaphendulwanga.
Akuqali ukuthi kube nenkinga yamanzi kule nyuvesi njengoba nanyakenye kuke kwaba nenkinga yawo.
Sekuyinsakavukela ukuthi nasezikoleni ezisezindaweni ezakhele uMasipala weTheku kusheshe kudedelwe abafundi ngenxa yenkinga yamanzi.
Ngeledlule ezikoleni ezisezindaweni eziseNingizimu yeTheku, enyakatho kanjalo nezindawo ezifana naseKlaarwater, KwaSanti, Chatsworth, bebesheshe badedelwe abafundi ngenxa yenkinga yamanzi.
Imeya kaMasipala uMnuz Mxolisi Kaunda, isanda kuveza ukuthi bayayilungisa inkinga yamanzi ehlasele kuleli dolobha.
UKaunda uthe izikhukhula, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi kanjalo nengqalasizinda esindala yikhona okwenze kwaba nalezi zinkinga.