KUHLEHLELE ukuphela kwenyanga ukugwetshwa kukaNobhala-Jikelele we-EFF uMnuz Marshall Dlamini, olahlwe yicala lokushaya ngesihluku.
UDlamini ubevele eNkantolo yesifunda eCape Town lapho obekulindeleke khona ukuthi kukhulunywe eyesigwebo. UDlamini ngo-Ephreli walahlwa yicala lokushaya iphoyisa ngesihluku kwafahlaka izibuko ebusweni balo.
UDlamini washaya u-Warrant Officer Johan Carstens ngesikhathi kunomcimbi wenkulumo kamengameli ayeyibhekise ezweni ngo-2019. UDlamini uzithethelela ngokuthi babelunywe indlebe ngecebo lokuhlasela umholi wakhe uMnuz Julius Malema.
Wathi yena njengomuntu obuye abe yinhloko yezokuphepha eqenjini, kwakufanele enze imizamo yokuphebeza uCarstens.
Okhulumela abezokuShushisa (NPA) eWestern Cape, uMnuz Eric Ntabazalila uqinisekisile ukuthi udaba lungenile kodwa isigwebo asikhishwanga.
Uthe udaba luhlehlele uJuni 28 lapho okuzoqhubeka khona uhlelo lokukhishwa kwesigwebo sikaDlamini. Ngesikhathi evelile ngoLwesihlanu kuqalwe imicikilisho yokwendlalela isigwebo.
Kulalelwe umbiko kangoti obeluleka inkantolo ngelokuthi uDlamini ungumuntu onjani nongafanelwa hlobo luni lwesigwebo.
UDlamini akuyena yedwa kwi-EFF ohamba icala njengoba noMalema ebhekene necala lokuqhumisa isibhamu ngesikhathi kunomcimbi eMdantsane, e-Eastern Cape ngo-2018.
Kwelinye icala uDkt Mbuyiseni Ndlozi noMalema baphuma phambili besolwa ngokushaya iphoyisa emngcwabeni kaNkk Winnie Madikizela-Mandela.