KUGXEKWE izitshudeni ezixhaphaza imali yoxhaso lokufunda emanyuvesi nasemakolishi, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ngokuyiphuza utshwala.
Amalungu ePhalamende, abekhuluma emuva kokuba uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, ethule umbiko ngohlelo lokubhalisa kulezi zikhungo, akhale nangezitshudeni ezilala endle ngoba izikhungo zingazamukeli.
Akhale nangezitshudeni ezibhuquza emakhaya ekubeni izikhungo zazamukela kodwa uma zifika zatshelwa ukuthi izikhala kazisekho.
Okunye okukhalisa amalungu wukuthi akukho mnyakazo obonakala wenziwa nguNzimande ngodaba lokususwa komphathi wenyuvesi yaseKapa nezinkinga kulesi sikhungo.
UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM ukhale kakhulu ngezitshudeni ezithi uma sezithole imali yeNSFAS bese ziyidakwa.
“Sikhathele ngqongqoshe ukuthi sithi uma siya ezitolo sidonswe yizitshudeni ezisuke zifuna sizinike ukheshi ukuze zithenge. Zithi zizokhipha amavawusha bese zithi zifuna imali. Le mali ziyayidakwa, sicela ibhekelelwe ukuthi le mali yoxhaso ayenzi ezinye izinto. Sinxusa nabazali ukuthi beluleke izingane zabo ukuthi ziyisebenzise kahle le mali.”
UMnuz Ganief Hendricks we-Al Jama-Ah ukhale ngokuthi uNzimande uthule du ngodaba lwase-UCT.
Uthe umphathi wale nyuvesi omnyama, uSolwazi Mamokgethi Phakeng, bayamnyundela abamhlophe abangafuni kube nezinguquko kulesi sikhungo njengoba bemfuna ehambile.
“Ngqongqoshe, ngenelela ngoba izinto ziyonakala kuleya nyuvesi. Kunyundelwa umuntu omnyama wokuqala wesifazane ukuphatha inyuvesi.”
UMnuz Shaik Emam weNFP ukhale ngezitshudeni ezilala ngaphandle emanyuvesi ngoba zingenayo indawo yokulala ekubeni amanyuvesi ethembise ukuthi zizozithola izindawo zokuhlala.
Ukhale ngokuthi ezinye izitshudeni zitshelwe ukuthi zithathiwe kodwa uma sezithi ziyobhalisa zatshelwa ukuthi kugcwele, izikhala azisekho.
“Sifuna ukwazi ukuthi kuzokwenzekani ngezitshudeni eziningi ezihleli emakhaya kodwa zazithenjiswe izikhala. Zincane izikhala ezikhona ekubeni bebebaningi abafundi okuyinkinga enkulu ebhekene nezwe, umnyango uyilungisa kanjani le nkinga?”
UNkk Nomsa Marchesi weDA uthe bafuna ukwazi ngokwenzeka e-UCT njengoba kunemibiko yokuthi umphathi wenyuvesi bazomnika imali enkulu njengoba bemchitha.
Ukhale ngohlelo lweNSFAS lokuphuza ukuphendula izitshudeni ezixhasiwe.
Ephendula uNzimande, uvumile ukuthi zikhona izinkinga kodwa wathi kulo nyaka iNSFAS ixhase izitshudeni ezevile ku-1 million.
Uthe isabelo salesi sikhwama kulo nyaka nguR47.6 billion, wagxeka abaqashisa ngezindlu zokuhlala izitshudeni ababiza oR70 000 ngonyaka, wathi kumele kube nophenyo.
“Ngiyayigxeka kakhulu eyezitshudeni ezithatha imali yeNSFAS ziphuze ngayo utshwala. Yinto okumele ngabe ayenzeki, imali ngeyabahluphekayo.”
Uthe benza ucwaningo ngomthelela okhona ngokucishwa kukagesi ezikhungweni zemfundo.
“Ngizohlangana nabo bonke oregistrar bamanyuvesi ngezinkinga eziphakanyiswe izitshudeni nabazali ngohlelo lokubhalisa kanjalo nokungalutholi ulwazi ngesikhathi. Kulo nyaka imali yokukhokhela indawo yokuhlala emanyuvesi izogcina kuR45 000.”