ZIMBILI VILAKAZI
KUNGAKAPHOLI maseko uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, egxeke izigameko zabafundi abahlukumeza abanye ezikoleni, sekusabalale i-video yomfundi wentombazane eshaya kanzima omunye.
Kulesi sigameko okuthiwa senzeke ngesonto eledlule, kubonakala abafundi abagqoke umfaniswano wasesikoleni saKwaMashu, iNqabakazulu High, besethoyilethi, omunye evalele omunye ekhoneni, emqeda ngezimpama.
Akucaci ukuthi uyini umnyombo wokuxabana kwabo kodwa lo oshaya omunye uzwakala kunamagama awakhiphayo ngesikhathi edane eqhubeka nokumbeka isandla.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuphumele obala, wasigxeka isigameko. Esitatimendeni esikhishwe wumnyango, uveze ukuthi kawuhambisani nalesi sigameko okuthiwa senzeke ngaphakathi emagcekeni esikole.
Kusona ubuye uveze nokuthi abafuneki abafundi abahlukumeza abanye ezikoleni. Uma siqhubeka lesi sitatimende sikubeka ngembaba ukuthi uMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, naye usigxeke kakhulu isigameko.
UHlomuka uthe ukuhlukunyezwa komunye umuntu akwamukelekile, akaphathi-ke esikoleni.
Ugcizelele kakhulu ukuthi umnyango wakhe wenza konke okusemandleni ukuthi abafundi bavikelekile futhi bazizwa bephephile ngaso sonke isikhathi.
"Sikhuthaza abafundi ukuba bangathuli kodwa balubike udaba olufuze lolu ukuze luzosukunyelwa ngokushesha okukhulu," usho kanjena.