IPHINI likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, lithe izitshudeni eziqede ukufunda emakolishi amakhono azazi ukuthi zizophuma ziyephi uma zingawutholi umsebenzi.
UManamela uthe lezi zitshudeni akumele zilinde ukuqashwa kodwa kumele zibhukule zenze noma yini eziyifundele ukuze zikwazi ukuba ngabaqashi, zingathembeli ekuqashweni.
“Kudingeka siyeke ukucabanga ukuthi kukhona umqashi ozoniqasha. Kumele ukuthi nicabange ukuthi yini eningayenza ukuze niqasheke,” kusho uManamela.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma engqungqutheleni ehlelwe yinhlangano ephethe imikhandlu yezitshudeni emakolishi amakhono, iSouth African Technical Vocational Education and Training Student Association, eGoli.
Uthe kwamanye amazwe izitshudeni akudingeki ukuthi ziqeqeshelwe umsebenzi ngaphambi kokuthola iziqu zazo.
“La mazwe awanayo nemihlomulo eminingi esiyinika izitshudeni. Izitshudeni ezifunda emakolishi zinenhlanhla yokuthi uhulumeni uyazibhekelela.”
Uthe phambilini la makolishi abebukelwa phansi, wonke umuntu efuna ukuya enyuvesi.
“Besifuna ukugqoka othayi namasudi uma sesifunde emanyuvesi. Manje sibheke wona amakolishi ngoba abalulekile ekufukuleni umnotho.”
UManamela veze ukuthi wafunda ekolishi lamakhono, wathi amakolishi abaluleke kakhulu esikhathini samanje.
Miningi imikhakha edingeka kakhulu okuyi-plumbing, boilermaker neminye. Yingakho ngithi kuningi izitshudeni ezingakwenza uma seziphothule izifundo zazo.“
Unxuse abaholi bezitshudeni ukuthi basebenzisane nabaphathi bamakolishi kanjalo nomnyango wabo.
“Kumele kube yinina enishoyo ukuthi nifuna amakolishi anjani. Konke kulele kunina ukuthi nisitshele ukuthi iziphi izinguquko enifuna ukuzibona kulezi zikhungo ukuze sizenze. Sizoqhubeka nokweseka izitshudeni kanjalo nokulinganisa izinto ukuze kungabi nomehluko kofunda enyuvesi nasekolishi.”