UKUNGAFIKI ngesikhathi kwezinsiza-kusebenza ezifana nezincwadi kwezinye izikole kube enye yezinkinga eziphazamise ukuqala kahle ngosuku lokuqala ezikoleni KwaZulu-Natal. Ngaphandle kodaba lwezincwadi, nemvula ibingazibekile phansi, ina iphazamisa ukuhamba emgwaqweni okwenze kuvaleke imigwaqo namabhuloho amancane okuwela.
Kuvame ukuthi kube wusuku olukhulu kubazali nabafundi kuphithizela, kulethwe izingane ezikoleni. Odado bavame ukususa isidumo bekhala ubumaye uma sebehlukana nabazali babo ngosuku lokuqala.
Imvula ebilokhu ibambe ngamoya munye iphoqe ukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukhiphe umyalelo wokuthi abafundi basheshe badedelwe. Umnyango ubukhombe ukuthi kungadluli ihora lokuqala bengadedeliwe kodwa washiyela ezandleni zothishanhloko ukuthi banqume ngokubona kwabo isimo.
Abesimo sezulu bebevele beyibikile imvula enkulu, bexwayisa abantu ukuthi baqaphele baphephe. Isifundazwe iKwaZulu-Natal sijwayele ukuhlushwa yisimo sezulu esibi kuze kube nezikhukhula kufe abantu. Kujwayele ukuthi kuphazamiseke izikole ezinye ziphephuke.
Izinyunyana ziphawulile ngosuku lokuqala ezikoleni;
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe abeneme ngezinto eziningi ebezingahambi kahle ezikoleni kuvulwa. UMalinga uthe banethimba abebelikhiphile ezindaweni ezehlukene ukuyobheka isimo, kwabuya imibiko engemihle.
Uthe othisha nabafundi bebenomdlandla bezimisele ngokuqala ukufunda nokufundisa kodwa kwakhona izinto eziphoxayo.
“Kukhona izikole ezazilokhu ziphazanyiswe yiziphepho ngonyaka odlule koMnambithi kodwa azikalungiswa. Kukhona izikole okungafinyeleleki kuzona ngenxa yesimo semigwaqo nokuna kwemvula. Kwezinye izinsiza-kusebenza kazifikanga kahle nemali ifike emuva kwesikhathi,’’ kusho uMalinga.
Uthe uma imali yezinsiza ifika emuva kwesikhathi, kuyobe kuthengwe nini izinto ezidingekayo? Ukhale nangokushoda kwezincwadi zabafundi, wathi kuwukubuyela emuva njengezwe ukuba nenkinga enjalo.
“Uma sithi njengezwe lentando yeningi kufanele imfundo ivuleleke futhi ibe mahhala kodwa bese kushoda izincwadi, kusho ukuthi asithuthuki. Okunye nje okuxakayo wukungavalwa kwezikhala zothisha ngoba labo ababebambile umnyango ubakhiphile,’’ kusho uMalinga.
Uthe kunenqwaba yothisha abafunde bagogoda abajika nelanga okufanele ngabe bayaqashwa bafundise kodwa akwenzeki lokho. UMalinga uthe abazimisele ngokwemukela ukuthi uhulumeni awunamali.
Ukhale kakhulu nangokwehliswa kwesabelomali somnyango, wathi kubuyisela emuva ezemfundo. Uthe bazoqhubeka nokulwela ukuthi konke kuhambe kahle. UMalinga uthe akufanele ngabe kusakhulunywa ngezinto ezifana nokusikwa kotshani ezikoleni ngoba yizinto ezaziwayo.
UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe babone sengathi kuqale kahle ukufunda ezikoleni.
“Kuqale kahle, akubanga nezinkinga ngoba vele abanye othisha bebevele bekade baqala ukusebenza. Into ethande ukuphazamisa yimvula kodwa ngoba umnyango uthe akusheshe kuphunywe, kube ngcono,’’ kusho uNksz Caluza.
Uthe nakuba kuqalwe kahle kodwa zikhona izinkinga ebezithanda ukuvela kodwa basebenza zanqobeka nokunye bazohamba bekulungisa ngendlela.
“Bezikhona izinkinga ezindala zangonyaka odlule, yingakho phela saze samasha ngo-Okthoba, ngoba izinto ezifana nemali yezidingo zesikole zazingekho. Umnyango ubukhale ngemali engekho saxoxa noNgqongqoshe wezeziMali uNkk Peggy Nkonyeni, walungisa isimo yangena imali,’’ kusho uNksz Caluza.
Uthe basazoqhubeka nokukhuluma ngezindaba zezokupheha ezikoleni futhi basalinde nemali okufanele ikhokhelwe abanye othisha.
UMnyango ezeMfundo KwaZulu- Natal uthe ngokwawo wenze konke okusemandleni ukuthi ukufunda nokufundisa kuqale ngaphandle kwezihibe.
UNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga, ubehambele isikole iKgatoentle Secondary, eGa-Rankuwa, lapho ekhulume khona ngezinhlelo zomnyango. Uthe bewumnyango bakulungele ukuqala umshikashika wokufunda nokufundisa kulo nyaka.
Umemezele ukuthi banohlelo lokuthi kube nezivivinyo zikaGrade 9 ezintsha lapho abaphumelele bazothola khona izitifiketi. Uthe akagqugquzeli ukuthi bashiye isikole kodwa kusewuhlelo nje abasaluzama abasazochaza kabanzi ngalo.
Uyale abafundi ngezinto okufanele baqhele kuzona uma befuna ukuphumelela.
“Utshwala nezidakamizwa ningasondeli kukhona ngoba umthelela wakhona uba mubi kakhulu. Ngiyazi nokuthi kunenkinga yokukhulelwa kwabafundi, kufanele sisebenzisane nabazali kulokho. Udaba lwabafundi abangamabhoklolo kwabanye, kufanele kuphele lokho,’’ kuxwayisa uNkk Motshekga.
Uthe ulindele ukuthi abafundi baphase ngezinga lika-100% ngoba yibona ikusasa lezwe abazobe bephethe umnotho walo. Uthe bazofaka imali ukweseka izikole kodwa balindele imiphumela emihle, hhayi izinkinga zabafundi abahluphayo.