LUGOBILE uphondo eqenjini Umkhonto weSizwe ePhalamende izolo, ihoxisa umholi wayo ePhalamende uDkt John Hlophe, ekubeni yilungu lekomiti eliphakamisa amagama abantu abazoba amajaji kuMengameli Cyril Ramaphosa, i-Judicial Service Commission (JSC).
UHlophe usule ekubeni yilungu leJSC kulandela ukuchithwa kwesicelo saleli qembu, sokuzama ukuvimba ukuhlala komhlangano weJSC, oqale izolo wokuphonsa imibuzo abantu abazoba amajaji.
UHlophe wavinjwa yinkantolo enkulu yaseWestern Cape ukuthi abe yingxenye yeJSC njengoba axoshwa njengejaji.
Okhulumela iMK uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe babhalele noSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, bemazisa ngesinqumo.
UNdhlela uthe bafuna uNkk Didiza azise uSihlalo weJSC, oyinhloko yamajaji uMandisa Maya, ngalesi sinqumo.
“Silihoxilise ngokushesha igama likaDkt Hlophe kwiJSC. Asifuni igama lakhe lihlanganiswe nohlelo olungekho emthethweni lweJSC. Simile ekutheni ukuchithwa kukaHlophe kuleli komiti kufana nokuphula isigatshana u-178, soMthethosisekelo wezwe.”
UNdhlela uthe libukelwe phansi ilungelo likaHlophe lokuba yingxenye yaleli komiti nakuba akhethwa ngokusemthethweni.
Isolezwe liyibonile nencwadi ebhalelwe uNkk Didiza nguSotswebhu waleli qembu ePhalamende uMnuz Mzwanele Manyi, emazisa ngokusula kukaHlophe kwi-JSC.
UManyi uthe iMK iyamhoxisa uHlophe kwiJSC wathi akwaziswe uJaji Maya.
Kwenzeka lokhu nje kuyaqhubeka namhlanje ukuhlala umhlangano weJSC njengoba iMK ihoxise nombhikisho wayo ebewuhlelile ukuthi izowubamba eSandton, lapho kuqhubeka khona lesi sigcawu.
UNdhlela ubelokhu ekhale njalo ngokuthi lolu hlelo lweJSC lokuphonsa imibuzo lwe-JSC lubanjwa ngaphansi kwefu elimnyama ngenxa yokunqatshelwa kukaHlophe kwiJSC.
Umhlangano weJSC kuhlelwe ngawo ukuvala izikhala ezingu-21 ezinkantolo ezehlukene kuleli. Bangu-54 abazophoswa ngemibuzo yokuvala lezi zikhala.
Okhulumela i-JSC uMnuz Mvuzo Notyesi, uthe bebefisa ukuthi wonke umuntu okhethwe ukuba yingxenye ye-JSC, abekhona kuyona yonke imihlangano.
Uveze ukuthi lolu hlelo aluqhubeki ngaphansi kwefu elimnyama ngenxa yokuthi uHlophe akekho.
“Kumele sikusho ukuthi le mihlangano iqhubeka ngendlela ehleliwe njengoba anele amalungu e-JSC. Ngokwethu sifisa ukuthi wonke umuntu okhethelwe kwi-JSC, abe yingxenye kodwa sinemithetho yezwe okumele siyilandele,” kusho uNotyesi.
Uthe kubalulekile ukuthi zivalwe izikhala ezivuleke ezinkantolo ezehlukene ukuze usebenze ngendlela umthetho.
“KwaZulu-Natal ziyisithupha izikhala ezikhona, kanjalo nakwezinye izifundazwe kudingeka izikhala zivalwe. Maningi amacala asilele emuva ngenxa yokuthi amajaji ayashoda,” kusho uNotyesi