ABUSEHLI ubuthongo kunina wesitshudeni osekuyophela isonto lesibili sidukile emva kokuthi sihambe sithi siyovakashela isoka.
UNksz Thabisile Mbanjwa (42) wakwa-V eMlaza uthe wagcina ukukhuluma nendodakazi yakhe uSphilile Mbanjwa (20) ngo-Okthoba 7, ngenkathi behlela ukuhlangana edolobheni eThekwini.
Uthe uSphilile ubefunda unyaka wesibili e-University of KwaZulu-Natal kanti ubehlala endaweni yezitshudeni ukuze asondelane nenyuvesi.
“ Ngigcina ukukhuluma naye sasihlele ukubonana ngoLwesihlanu, wangitshela ukuthi ngeke akwazi ukungibona ngoba wayezongena amakilasi amaningi.
“Savumelana ngokuthi sizohlangana ngeSonto ngoba uzobe engenzi lutho, nokwathi uma ngimshayela ucingo lwangangena usuku lonke,” kuchaza uNksz Mbanjwa.
Uthe ngoMsombuluko, omunye wabafundi obehlala noSphilile wamshayela ucingo embikela ukuthi sekuphele izinsuku ezimbili bengamtholi.
Uthe bamtshela ukuthi ngenkathi ehamba ngoLwesihlanu wapakisha izikhwama ezimbili wabatshela ukuthi uyovakashela isoka lakhe.
“ Uma ngizwa bebenamasonto amathathu kuphela bethandana nesoka njengoba sekuvela ukuthi ahambe nalo. Isoka elaseGoli lifike eThekwini ngokomsebenzi nakhona kuthiwa belikweleta inqwaba yabantu imali laphinde lashayisa nemoto yomsebenzi,” kuchaza uNksz Mbanjwa.
Uqhube wathi ngosuku agcina ukubonakala ngalo uSphilile, isoka labonakala liphethe izikhwama eziningi kukhombisa ukuthi liyathutha, nokwathi uma ozakwabo beyolibheka lapho lihlala khona bafica kukhala ibhungezi.
“Kube sekuyakholakala ukuthi bahambile ngoba isoka lamhlohla lathi akadayise i-laptop yakhe aphinde alibolekele imali ebantwini,” kuchaza yena.
“Konke lokhu okwenzekayo akufani nengane yami, ngiyasola ukuthi kukhona into ayenzile ukuze ivume konke akushoyo. Yize engamphoqanga ukuthi bahambe kodwa konke lokhu akuhlangani futhi uSphilile engimaziyo ubengeke aze akuvume,” kuchaza uNksz Mbanjwa.
Uchaze uSphilile njengengane ebihlonipha nebithanda umsebenzi wayo wesikole.
Uthe konke lokhu kuyamkhathaza futhi kuyethusa ngoba akazi noma ingane yakhe isaphila yini lapho ikhona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenent Colonel Nqobile Gwala, uthe uyakuqinisekisa ukuthi kuvulwe idokodo ngokulahleka komuntu, usathungathwa.