KUTHUNGATHWA amalungu amasha ebhodi lesikhwama sezitshudeni, i-National Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), anamava emikhakheni ehlukene aphinde abe neziqu ze-Masters.
Lokhu kuvele emqulwini kahulumeni i-Government Gazette, okhishwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, onxuse umphakathi ukuthi uphakamise amagama abantu abazoba amalungu aleli bhodi.
Kulo mqulu kudingeka amalungu angu-18 azohlala kulona iminyaka emine.
Inhlangano yezitshudeni i-EFFSC, ifuna abazoba amalungu aleli bhodi baphendule imibuzo esidlangalaleni.
Le nhlangano ithe ifuna lonke uhlelo lwenziwe esidlangalaleni ngoba ifuna kunqandwe inkohlakalo.
“Sifuna abafuna ukuba amalungu basivezele ukuthi bahlela ukuyivikela kanjani imali kahulumeni. Phambilini, ongqongqoshe balo mnyango bebeqoka abantu emakhoneni, abanye abangenawo amava. Yingakho lesi sikhwama sihaqwe yinkohlakalo engaka ingoba bekufakwa obhululu,” kusho i-EFFSC.
Ibhodi lalesi sikhwama lahlakazwa ngowayengungqongqoshe womnyango uDkt Blade Nzimande, waqoka umlawuli uMnuz Freeman Nomvalo owehliselwe isikhathi azosihlala kulesi sikhwama njengoba ezogcina ngoDisemba, nonyaka.
Kumanje uNomvalo umatasa uhambela izifundazwe ezehlukene lapho ehlanganisa amehlo nabahlinzeka ngezindawo zokuhlala ezikhungweni zemfundo, ethola izinselelo ababhekene nazo.
Izinhlangano zezitshudeni ziveze ukuthi azifuni kube nezinxushunxushu uma sekumele kufakwe izicelo zangonyaka ozayo.
Zifuna kungabi nokuphazamiseka uma sekuqokwa ibhodi elisha.
Emqulwini okhishwe nguDkt Nkabane, amagama abazophakanyiswa kumele afike kuyena ngoSepthemba 3, ngenyanga ezayo.
Kumalungu angu-18 ebhodi, angu-13 aqokwa ngungqongqoshe kanti afaka nosihlalo webhodi, amanye aqokwa yibhodi.
Kudingeka abe namava emkhakheni wezezimali, owezomthetho, owezesayensi, owezokuphatha, owezobunjiniyela kanjalo nowemfundo ephakeme.
Lesi sikhwama sixhasa siphinde siboleke izitshudeni imali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Umsebenzi walesi sikhwama ukululeka ungqongqoshe ngezithinta ukuxhaswa kwezitshudeni siphinde senze eminye imisebenzi esiyalelwe yona nguDkt Nkabane.
Abaphakamisa amagama abantu kumele bashutheke ne-CV yalabo ababaphakamisayo, nencwadi yabo bevuma ukuphakanyiselwa ebhodini.
Bangathumela ku:The Director General: Higher Education and Training, bayibhekise ku: Ms. K Matjane.
Bangayiposela ku:Private Bag X 174, Pretoria, 0001.
Bangathumela ne-email ku: [email protected]