AMAPHOYISA anxenxe usizo kwabangakwazi ukulekelela ngolwazi mayelana nezakhamizi zaseMlaza ezinyamalele. Isiteshi samaphoyisa eMlaza sithungatha abathathu kulandela ukukhathazeka kwemindeni, ziihlobo nabangani ngokunyamalala kwabo.
Phakathi kwabafunwayo kubalwa kubo uMnuz Nhlanhla Millenium Mbutho (22) oselokhu ahamba ngoJanuwari 28 kulo nyaka elibangise kumngani wakhe KwaMakhutha. UMbutho wayegqoke isikhindi esimnyama, isikibha esimhlophe seNike kanjalo nophaca abamthende ngokunavy nemicu emhlophe.
Ngenyanga kaFebhuwari kwanyamalala noNksz Phindile Khuzwayo (29) ngomhlaka 7 ephume ewumuntu oyovakashela isoka lakhe eCornubia. UNksz Khuzwayo kubikwa ukuthi uwu-1.8 metres ubude, unezinwele ezimnyama neziyi afro. Wagcina ukubonwa egqoke ibhulukwe lejean elimnyama, isikibha esimnyama namateku amhlophe. Ngalelo langa wayephethe nesikhwama esincane esimaroon.
UMnuz Sandile Mtshali (23) naye ungomunye wabathungathwa amaphoyisa nokubikwa ukuthi wagcina ukubonwa uzakwabo asebenza naye ngoMashi 26 erenki yamatekisi eSiphingo. Kubikwa ukuthi uphakathi nendawo ngesiqu somzimba nezinwele ezimnyama kanti unsundu ngokwebala. Wayegqoke ibhulukwe le-Adidas alimaroon, isikibha esimnyama, ikepisi le-Ellese kanjalo namateku e-Adidas abrown.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe bayacela abangaba nolwazi bathinte uSergeant Cele ku-031 325 6256 noma bashayele inombolo yeCrime Stop ethi 08600 10111.