KUFUFUSA umsindo njengoba izinyunyana zothisha zichitha eyesiphakamiso sokuthi othisha abasha endimeni ukuze baqashwe kumele babe neziqu zeHonours.
Izinyunyana zithi kazihambisani nalesi siphakamiso.
UNobhala jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe kabaneme ngomqulu woMnyango weMfundo eyiSisekelo ophakamisa ukuthi othisha abasha endimeni kumele babe neziqu ze-B.Ed. Honours ukuze baqashwe.
Uthe ngokwalesi siphakamiso kubuyekezwe indaba yokuqashwa ngeDiploma kulo mkhakha.
UMaluleke uthe umhlangano wesigungu esiphezulu sale nyunyana ukuchithile lokhu.
“Lo mhlangano uveze ukuthi awuhambisani nalesi siphakamiso sokuthi kube yiHonours okuqashwa ngayo othisha. Yinto esenza singajabuli.”
Umengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe lesi siphakamiso abasoze basamukela ngoba kusho ukuthi umnyango ufuna ukushintsha izinto.
Uthe kuningi okumele kwenziwe uma umnyango ufuna ukushintsha izinto.
“Kumele uye ezikhungweni eziqeqesha othisha, uziyalele ukuthi zishintshe iziqu. Ziningi nezinye izinhlelo okumele zenziwe uma kungukuthi ufuna ukuza nento efuze le.”
Uthe kusho ukuthi baningi othisha abasazoqhubeka babhuquze emakhaya bengaqashiwe.
“Uma ubheka baningi abaneziqu zeminyaka emine kuphela. Kusho ukuthi manje sekumele wenze omunye unyaka ukuze uqasheke?”
Uthe bazolwa nalokhu ngoba umnyango kumele uxhumane nezinhlaka eziningi.
“Ngeke nje bakwazi ukumane bashintshe izinto. Kuzomele bakhulume nezinhlaka ezehlukene. Nakhona asiboni ukuthi sizophumelela lesi siphakamiso.”
Baningi othisha abahleli emakhaya abahlale bekhala ngokuthi kabaqashiwe.
Abanye abasuka kweminye imikhakha baze benze isitifiketi sonyaka owodwa i-PGCE ngoba benethemba lokuthi bazoqasheka.
Umnyango unemifundaze oyinika othisha abazofundisa izifundo ezibalulekile iMaths neSayensi kodwa okugcina kukhalwa ngokuthi uma sebefika emanyuvesi abazenzi lezi zifundo, bazenzela ezabo ekubeni kuthiwa bayashoda abazofundisa lezi zifundo.
Umnyango usuqale izifundo ezintsha ezikoleni iCoding and Robotics kanjalo nezinye ezithinta ubuchwepheshe.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulanga imibuzo abethunyelwe yona, noma eyifundile.
Nangesikhathi eshayelwa akazange alubambe ucingo.