UBUYELWE isithunzi umndeni waseDannhauser, ngaseNewcastle, onamalungu ayisishiyagalombili abelala ndawonye ekameleni, ongomunye ohlomule ngendlu kwethulwa izindlu ezingu-250 ngoLwesibili.
UNksz Dudu Zulu okhulumela lo mndeni, uthe bekunzima futhi ubeselahle ithemba lokuthi bayoke bayithole indlu yomxhaso. Uthe unina wayogana wabashiya ebathengele isiza nendlu enekamelo elilodwa lokulala nekhishi.
UNksz Zulu uthe bekunzima nokuthi izingane zitadishe kulesi simo ngenxa yokumpintshana ndawonye nomsindo.
“Ngicabanga ukuthi kwakuwu-2014 sibhalisela indlu yomxhaso. Besilokhu silindile futhi bese ngizitshele ukuthi ngeke kuphinde kulunge. Indlela esijabule ngayo sinikezwa indlu entsha, sivele sathutha salala khona ngoLwesibili,” echaza.
UNksz Zulu othe unengane eyodwa, uhlala nodadewabo onezingane, nabafowabo.
Uthe akekho osebenzayo kubona kodwa baphila ngesibonelelo sikahulumeni sezingane noninalume obuye abathengele ukudla.
Indlu inikezelwe uNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay.
KUFEZEKE iphupho leminyaka uNkk Jabu Phakathi, oyiMeya yaseDannhauser, enikeza izipho uNksz Dudu Zulu ongomunye wabahlomule ohlelweni lwezindlu olwethulwe uNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay.
Lo mndeni unikezwe nezipho okubalwa umbhede, amabhodwe, nezimpahla zikagesi zasekhishini.
Lezi zindlu ezingu-250 zingezokuqala ukunikezelwa ungqongqoshe ngaphansi kukaMasipala iDannhauser. Kulindeleke ukuthi isibalo sazo sifinyelele ngaphezu kuka-500 njengoba kusazonikezelwa ngezinye maduze.
Lolu hlelo lwezindlu, olubizwa ngeBuhlebomzinyathi Rural Housing Project, luzodla imali engaphezu kukaR250 million.
Ungqongqoshe ubehambisana neMeya yaseDannhauser, uNkk Jabu Phakathi noDkt Musa Ngubane oyiMeya yoMkhandlu waseMajuba, ngesikhathi kwethulwa izindlu. Izindlu ezethulwe ngoLwesibili zibize uR50.8 million.
Kulindeleke kuhlomule abantu abangaphezu kuka-2 500 uma sekunikezelwe zonke izindlu ngaphansi kwalolu hlelo.