BASASHAQEKILE abantu basoThongathi ngokwenzeke namuhla ntambama.
Abezimo eziphuthumayo babizelwe kule ndawo ngezigameko ezimbili zokudubula ezenzeke ngokulandelana.
Esigamekweni sokuqala; kuvinjezelwe imoto yohlobo lwe-VW Polo emgwaqweni uGopalall Hurbans, okuuthiwa umshayeli wale moto usebenza ngayo ukuthutha umphakathi osuka esikhumulweni sezindiza.
Kudutshulwe kubhekiswe kuyo, kwafa ujuqu amadoda amabili kanti owesifazane obekhona ulimale kabi ekhanda. Imibiko evela endaweni yesigameko nengaqinisekisiwe, ithi laba bahlaselwe ngephutha.
Owesilisa ozichaze kwabezindaba ngoNasir, okhulumela inhlangano eqaphe umphakathi kule ndawo, uthe le moto ibiwela emgwaqweni ngesikhathi kuqhamuka enye ababehamba ngayo bavulela ngenhlavu bebhekise kuyona.
Isigameko sesibili; senzeke buqamama nalesi sokuqala emgwaqweni ofanayo, lapho kuhlaselwe imoto kasomatekisi ebihamba onogada bakhe.
AbeReaction Unit South Africa (Rusa) babika ukuthi bafike endaweni yesigameko bathola iveni lohlobo lweFord lizimbobombobo yizinhlamvu.
“Phakathi bekunamadoda amathathu abedindilizile ehlome ngezinhlokohlela zezibhamu. Sithe sisaphenya kwafika imoto yohlobo lweMercedes Benz, umshayeli wayo wasibikela ukuthi uhamba nomuntu odutshuliwe. Lo muntu olimele ungunogada kasomatekisi obehlaselwa,” kusho abeRusa ngesitatimende
Lo mlisa ubelimele isandla uthole usizo lokuqala.
Kuthiwa usomatekisi weqile emotweni ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu bebhekise kuyena ehamba nonogada bakhe.
Amaphoyisa asendaweni yesigameko.