NJENGOBA kuqala unyaka abafundi abaningi abaphothule u-matric nyakenye bazobe begcwele izinkalo zonke ezweni befuna izikhala zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ikakhulu emanyuvesi.
Nokho iqiniso elingephikwe ngalokhu wukuthi akusibo bonke abafundi, ngisho noma ngabe bephase kahle kanjani, abazoba nenhlanhla yokwamukelwa kwezicelo zabo zokufunda emanyuvesi abacele ukufunda kuwona.
Kunjalo nje, enye inkinga ekhona ezweni ngeyokuthi ngisho umfundi esefunde wagogoda, kodwa akunasiqiniseko sokuthi lokho kuzomsiza ukuziphilisa njengoba ilokhu iqhubeke njalo indlala yamathuba emisebenzi ezweni.
UMnuz Shawn Theunissen we-Property Point, ebhekele ukuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa ukuze bachume emikhakheni eyehlukene abakuyona, uthe izikole kumele zibeke eqhulwini ukwethula izindlela zokwenza abantu bangene emikhakheni eyehlukene ezolungisa izinkinga ezibhekene nezwe.
“Izwe lethu libhekene nezinkinga eziningi njengokungabi bikho kwezindlu ezanele ezakhiwe kahle, ukungabi sesimweni esihle kwengqalasizinda nokunye okweyamene nalokho. Ngakho imisebenzi esingabala kuyona eyokuba wu-plumber, umsebenzi sokushisela nokwakha ngeminye yemikhakha ebukelwa phansi kodwa ibe ibalulekile. Kumele kukhuthazwe abantu ukuthi baqeqeshelwe yona ngoba inekusasa,” kusho uTheunissen.
Eqhuba uthe uma intsha ingaqala manje ikhethe izifundo ezizogxila emakhonweni nezizoyisiza ngamasu okuqala amabhizinisi, ingalungiseka inkinga ebhekene nezwe yesibalo esingaphezu kuka-40% sentsha engasebenzi.
“Ngokugxila emakhonweni afanele nabaluleke kakhulu esikhathini esiphila kusona manje, izwe lethu lingathuthuka. Sekuyisikhathi sokuthi kutshalwe imali emfundweni ehlanganisa ubuchwepheshe nezamabhizinisi ukusiza ukuqinisekisa ukuthi isizukulwane esizayo sifika kunekusasa elihle,” usho kanje.
Imenenja yophiko olubhekele ukusebenza eMomentum Group, uNksz Tshego Bokaba, icebise ngokuthi uhulumeni kumele ubambisane nezinkampani ezizimele ukuqinisekisa ukuthi izikhungo zezemfundo ezahlukene zicija abafundi nezitshudeni ngolwazi ngendlela ehambisana nezidingo zesikhathi samanje.
“Amakolishi amakhono nawo awenze izivumelwano zokusebenzisana nezinkampani ezizimele. Lokhu kuzosiza ngokuthi izitshudeni ezidlule esandleni sawo, zingabi nenkinga yokuthola amathuba okuchuma ngamakhono azo. Kuzokhuthala nabaseceleni abazofuna ukuzocijwa kuwona ngoba bebona ukuthi kuyaphumeleleka ngokungena kuwona,” usho kanje.
UNksz Bokaba uthe kumele kukhathaze wonke umuntu ukuthi okwamanje, entsheni engu-10 eneminyaka ephakathi kuka-15 kuya ku-34 engasebenzi, kunabane kuyona, abangafundi futhi okubukeka sebephelelwe yithemba lempilo engcono.
“Ukulwela ukuthi wonke umuntu athole amathuba alinganayo empilweni ngenye yezinto eziseyinselelo enkulu ezindaweni zasemakhaya. Ukuze kube noguquko olubonakalayo kudingeka ukuthi ingqalasizinda namathuba kunikwe kakhulu intsha lapho ikhona hhayi ukuphoqeka ukuthi ize iye emadolobheni ukuze kulunge ekufunayo,” kusho yena.