BEKUKUHLE kudelile ngesikhathi ubuholi boMkhandlu waseMgungundlovu nowakuMasipala waseMshwathi, bubungaza izaguga ezineminyaka eyevile ku-100.
Le ndumezulu yomcimbi beyibanjelwe ekhaya labadala elisesigodini saseGujini, KwaSwayimani. Ezicukuthwaneni ebezikhona kubalwa iMeya yaseMgungundlovu, uMnuz Mzi Zuma, neyaseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi, nekhansela laku-wadi 11 kuMasipala waseMshwathi, uMnuz Mthokozisi Mbhele. Kulo mcimbi bekukhona izaguga eziyisithupha ezineminyaka eyikhulu nangaphezulu, okubalwa nesalukazi esidala kunazo zonke kuMasipala waseMshwathi, uNkk BM Gcumisa, oneminyaka engu-124 edla anhlamvana.
UNkk Gcumisa unomuzi owanikelelwa wona wuMasipala waseMshwathi nefenisha ayithengelwa nguZuma, obe esefeza isithembiso sakhe asenza onyakeni owedlule kade evakashele lezi zaguga ukuzogubha usuku lokuzalwa kukamengameli wokuqala omnyama kuhulumeni wentando yeningi, uDkt Nelson Mandela. Wayethe uzobuya ezokudla nezaguga isidlo esimnandi futhi aziphathele nezinto ezimnandi.
UZuma uthe lolu suku lokubungazwa kwabantu abadala lusho lukhulu kubo njengoMkhandlu waseMgungundlovu futhi balwenza unyaka nonyaka ezindaweni ezihlukahlukene ngaphansi koMkhandlu uMgungundlovu.
Uqhube wathi umyalezo uwodwa nje vo obhekiswe kubantu abaphila nabantu abadala, ukuthi bakhuthazwe ukuba babaphathe ngendlela enhle.
"Babanakekele abantu abadala kule minyaka yabo. Bangahlukunyezwa ngokomqondo, akungakhulunywa nabo ngendlela engenayo inhlonipho baze bahlukumezeke ngisho ngokwemizwa yabo. Abangahlukunyezwa futhi abantu abadala ngokuthi baphucwe imali yabo." UZuma uthe abantu abadala banamalungelo abawagunyazwa wuMthethosisekelo ukuqinisekisa ukuthi abangahlukunyezwa kodwa bahlonipheke.
Lo mcimbi uphethe kahle ngesidlo esimnandi, izaguguga zonke ebezikhona zaklonyeliswe ngegilosa yokudla kanti laba abayisithupha abaneminyaka eyikhulu kuyaphezulu babuye baklonyeliswa nangezitifiketi, igilosa, izibiliboco noncamnce. IMeya yaseMshwathi, uZondi, ibe isibongela izaguga ngokuthi uNkulunkulu azigcine zize zidle izinyoni zabantabazo.
Isolezwe lithole ukuthi lolu hlelo luqale ngaphansi kukaMasipala waseMsunduzi, eCaluza ku-wadi 20, lapho kuvakashelwe khona ugogo uMaShezi Zondi onemnyaka eyikhulu nantathu.