SIKHULU isililo elokishini laseKatlehong, kubulawa umnikazi wenkampani yonogada obesekhaleni lokulwa nobugebengu nodlame emiphakathini yaseKurhuleni.
UMnuz Mandla Nkambule obengumholi wenhlangano elwa nobugebengu iThatha Zonke Anti-Crime Unit, udutshulwe wabulawa ngoLwesithathu ntambama, eKatlehong.
Le nhlangano kaNkambule yagqama kakhulu ngesikhathi yeseka umethuli wezinhlelo, uXolani Khumalo, wohlelo Sizok’thola ngesikhathi eyozinikela emaphoyiseni kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi uyathinteka ekufeni kowayesolwa ngokudayisa izidakamizwa, uRobert “Kicks” Varrie, okuthiwa washona ngemva kokuthelwa ngenduku ohlelweni lukaKhumalo kuthiwa akakhiphe izidakamizwa okwakusolwa ukuthi uzithukuse endlini yakhe.
ULieutenant Colonel Mavela Masondo okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uthe umufi ubehamba kuleli lokishini ngesikhathi ehlaselwa abasolwa abangaziwa ngo-5.30.
“Umgilwa ubeshayela emgwaqweni ngesikhathi ephazanyiswa yimoto yabasolwa eqhamuke eceleni kwakhe bavulela ngenhlamvu. Imoto yakhe iphaphalaze yabhajwa kuthango oluseceleni komgwaqo,” kusho yena.
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala. Anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaholelwa ekuboshweni kwabasolwa.