KUBALWA nezikhulu zamaphoyisa kwabayisithupha ababoshelwe ukukhwabanisa ithenda yasemaphoyiseni.
Laba basolwa baboshelwe ithenda yasemaphoyiseni yango-2016 kaR54 million.
Baboshelwe ezingxenyeni ezihlukene zakuleli[, abanye babanjwe eThekwini, Bloemfontein nasezindaweni ezahlukene ePitoli kanti abanye babanjwe esikhulumweni sezindiza bebheke eKapa naseThekwini.
Abasolwa ababili ngosomabhizinisi abazinze eThekwini, uLieutenant-General, oMajor-General ababili abasebenzela ePitoli naseBloemfontein nowayenguLieutenant-Colonel.
Laba babekwe amacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokweba kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo elalela amacala amabhizinisi ePitoli ngoLwesithathu.
Ukuboshwa kwabo kulandela uphenyo oluhlanganisa izinhlaka ezahlukene ze-ID ne-IPID.