UMNDENI wowesifazane obulawe ekhulelwe ufuna lingayinikwa ibheyili, libhadle ejele, isoka lakhe elisolwa ngokumbulala ngeSonto, eMabhodweni, eGingindlovu.
UNksz Sizakele Mthembu (28) obenezinyanga ezinhlanu ezithwele, kuthiwa uficwe ngamalungu omphakathi egcwele igazi kubo, elinye igazi lakhe lisaphake ezindongeni.
Ilungu lomndeni, uNksz Nozipho Mthembu lilandisa Isolezwe, lithe umsolwa wafika kwamakhelwane lapho umufi ayehleli khona nabanye, wamhilizisa kancane, ngaphambi kokuba baphume bahambe.
UNksz Mthembu uthe bahamba baya kubo (kwaMthembu) nokuyilapho abasola ukuthi wafike wamlimaza khona.
“Ngokuthola kwethu, wambulala maqede waya kubo wayobabikela ukuthi usembulele uSizakele. Abakubo kuthiwa babikela iphoyisa lenduna yendawo ukuthi nangu ebatshela ukuthi usebulele uSizakele,” kusho uNksz Mthembu.
Iphoyisa lenduna nabanye bendawo banikela kubo kamufi nebala bamfica edindilizile, kwabizwa amaphoyisa, afika esemphethe umsolwa evenini.
UNksz Mthembu uveze ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, belikhona icala ebelivulwe umufi ngasekupheleni konyaka odlule, emva kokushaywa kanzima nguye umsolwa.
“Lelo cala bekumele libuyele enkantolo ngoLwesithathu. Ngaleso sikhathi, umsolwa ubemshaye kanzima uSizakele kangangokuthi uze wayomvulela icala, waboshwa. Uphinde waya nasesibhedlela ukuyobheka ukuthi ingane ayithintekanga yini esiswini. Ngenhlanhla odokotela bathi konke kuhamba kahle,” kusho yena.
Uthe umsolwa ubengaphandle ngebheyili, emva kokudedelwa ngaphambi kukaKhisimusi, wathi abangakuqondi ukuthi bese bezilungisile yini izinto laba bobabili njengoba ebeseqale phansi umsolwa emlandela umufi.
“Asazi noma kukhona yini abemsabise ngakho ngoba uSizakele ubengakhonzile nokuvuleleka kangako ngezindaba zakhe zothando,” kusho yena.Ugcizelele elithi abafuni anikwe ibheyili noma aphume esitokisini umsolwa.
“Usibulalele amalungu omndeni amabili. Umuntu ofana naye asimdingi emphakathini,” kuzikhalela uNksz Mthembu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseGingindlovu, abophe umsolwa (27) emva kokubulawa wowesifazane endaweni yaseMabhodweni.
“Umgilwa ubenamanxeba amaningi emzimbeni, wachazwa njengoseshonile endaweni yesigameko. Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMthunzini, ngoLwesibili,” kusho uNetshiunda.
Kuthiwa icala lihlehlele isonto elizayo ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.