BABHADLE ezitokisini abesifazane ababoshelwe amacala okukhipha imiphefumulo yabesilisa ezigamekweni ezimbili ezehlukene ezenzeke eMandeni, emasontweni amabili elandelana.
Esigamekweni sakamuva esenzeke izolo, kuboshwe owesifazane oneminyaka ewu-30 ngecala lokubulawa kukaMnuz Ayanda Ngobese waKwaSithebe, khona eMandeni, okuthiwa ugwaziwe.
Kuthiwa uNgobese nomsolwa bangabangani kanti bebezihlalele bephuza kwenye indawo yokucima ukoma elokishini e-Chappies, ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kabo. Kuthiwa umsolwa ukhiphe ummese wamgwaza, ngaphambi kokuthi anyamalale, kanti umgilwa uphelele emtholampilo. Umsolwa ubeseboshwa amaphoyisa izolo, kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo namhlanje.
Kwesinye isigameko esenzeke ngesonto eledlule, uMnuz Siyanda Mpanza (35) ongowokudabuka eMangethe, okuthiwa ubeqashe nentombi yakhe uNksz Samkelisiwe Bhengu KwaSithebe, kusolwa ukuthi babe nengxabano eholele ekutheni imgence ngegeja, washona emva kwesikhashana engeniswe emtholampilo.
Umfowabo kamufi uMnuz Siphamandla Mpanza elandisa Isolezwe, uthe umfowabo ubehlala nentombi yakhe beqashe KwaSithebe, ngenxa yamatoho kanti iwumuntu owaziwayo nakubo njengoba besekunesikhathi bathandana.
“Umastende uthe uzwe kunomsindo obekukhombisa ukuthi bayaxabana okuthe emva kwesikhathi kwathula. Kukholakala ukuthi umsolwa umgence ngegeja ebelikhona endlini, kanti eqeda ukwenza lokho, uphumile endlini wamkhiyela waze wabuya ngezintatha ngakusasa kulokho bexabane kuqala ukuhwalala,” usho kanje.
Uthe umastende uvukile waphoqa umsolwa ukuthi avule endlini ngoba uzwile ukuthi bebexabana, okuthe uma bevula umfowabo ubesevele kade eqalile ukopha emva kokugencwa, kanti ushonele emtholampilo eSundumbili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseSundumbili aphenya amacala okubulala nokuthi abasolwa baboshiwe. Uveze ukuthi uNksz Bhengu uvelile ngesonto eledlule njengoba kulindeleke ukuthi aphinde avele kuleli sonto.