Kuboshwe amadoda amabili akuleli eSwatini asolwa ngokuba nesandla ekufeni komrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello 'Tibz' Motsoane abadutshulwa eThekwini ngoFebhuwari nyakenye.
Ngokubika kweTimes of Swaziland, abasolwa bayizelamani ezidabuka eThekwini ezineminyaka ephakathi kuka-28 no-29.
Kuthiwa ngaphandle kokuba nesandla ekufeni kuka-AKA basolwa ngokuba yizinkabi ezaqotha osomatekisi abathathu.
Kuthiwa ngemuva kokwenza la macala, babaleka bayobhaca eSwatini lapho bebeqashe khona indlu.
“Ngesikhathi amaphoyisa eRoyal Eswatini Police Service (Reps) ebabhozomela ngoLwesihlanu kuthiwa batholwe besendlini abayiqasha kusuka befika kuleliyazwe,” kusho iTimes of Swaziland.
Kuthiwa bathathu abebehlala kule ndlu kanti oyedwa ubalekile.
Laba bobathathu kuthiwa bafunelwa nokuthumba nokushushumbisa imali.
Ngokwemithombo, kulindeleke ukuthi bavele enkantolo eSwatini ngoMsombuluko lapho bebhekene namacala okuba khona ngaphandle kwamaphepha abavumelayo.
Kuthiwa ukuboshwa kwabo kulandela ukuthi iziphathimandla zakuleli zifake isicelo eSwatini.
Omunye wabo usolwa ngokuba sembonini yezokuthutha kanti amanye amacala okubulala asuka engxabanweni abe nayo nezimbangi ebhizinisini.
U-Assistant Superintendent Nosipho Mnguni oyiDeputy Chief Police Information and Communications Officer ukuqinisekisile ukuboshwa kwabo. Uthe babezwe ukuthi bayafunwa eNingizimu Afrika.