BAFUNA ligaye ngomunye umhlathi okhethweni lukazwelonke lwango-2029, njengoba befuna abavoti bayeke ukuqiqinga omazisi uma beyovota kodwa bafike basebenzise omazisi abakomakhalekhukhwini.
Lezi ngezinye zezinhlelo zoMnyango wezaseKhaya njengoba nasokhethweni lohulumeni basekhaya olungonyaka ozayo, uhlele ukuthi inqwaba yabavoti ibe isisebenzisa ama-smart ID, kunokuasebenzisa omazisi abadala.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Leon Schreiber, ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yezinsuku ezintathu yeKhomishini yezoKhetho kuleli, yokubheka eyokuvota kusetshenziswa ubuchwepheshe eKapa.
Kule ngqungquthela kunxuswe umphakathi ukuthi uqale ingxoxo mayelana nokuvota kusetshenziswa ubuchwepheshe.
USchreiber uthe kudingeka kube nezinguquko ohlelweni lokuvota kuleli.
"Uma sikhuluma ngezinguquko nokuthi kube nomazisi komakhalekhukhwini, sihlose ukuhambisana nesikhathi. Yingakho sifuqa umkhankaso wokuthi iningi labavoti libe selisebenzisa ama-smart ID okhethweni lwangonyaka ozayo. Ngo-2029 sihlose ukuthi kube sekusetshenziswa omazisi abakomakhalekhukhwini," usho kanje.
Ukhale ngemishini ye-IEC eyagoloza ukusebenza okhethweni lwangonyaka odlule.
"Ngesikhathi kubhaliswa abavoti yonke into yayihamba kahle kodwa ngomzuzu wokugcina yahluleka ukwenza umsebenzi, Ngazibonela ezikhungweni kusetshenziswa amapeni namaphepha ngoba le mishini ingasasebenzi."
UMnuz Sy Mamabolo isikhulu esiphezulu se-IEC, uthe lungahamba kahle uhlelo lokuvota ngobuchwepheshe uma wonke umuntu engakwazi ukuba ne-internet.
Uthe abantu basemakhaya basabhekene nengwadla yokungabinazo izinsiza.
"Ezinye zezingxenye zezwe zisabhekene nenkinga yokuthi izinto ezifana ne-internet ziseyivela kancane. Kuba nenkinga yokuxhumana ekubeni uma sifuna lolu hlelo luphumelele kudingeka i-internet."
Ubalule nokuthi buhle ubuchwepheshe kodwa kunenkinga yokuthi kukhona abavele bangene bathathe imininingwane yabantu.
"Kumele sikubeke kucace ukuthi asikho isinqumo esisathathiwe mayelana nokuthi kuvotwe ngobuchwepheshe. Yinto esizoyiphakamisa ePhalamende ukuthi ibhekwe."
Uthe iningi intsha ethokozela ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
Uveze ukuthi amanye amazwe aluzama uhlelo lokuvota ngobuchwepheshe kodwa agcina elulaxazile lolu hlelo.
UMnuz Masego Sheburi iphini lesikhulu seKhomishini, uthe bahlale bebheka izindlela zokwenza uhlelo lokuvota lube lula.
Uthe iphepha loluvota landa njalo uma kunokhetho ngenxa yabantu abasuke befuna ukuvotelwa.
Okhethweni lwanyakenye i-IEC yagaya amaphepha okuvota angu-90 million, kanti uhlu lwalulude lwababevotelwa njengoba kukhona ababengenele ukhetho ngokuzimela.
Umbiko weHuman Sciences Research Council (HSRC), othulwe kule ngqungquthela uveze ukuthi uma umphakathi ungaluthembi uhlelo lokuvota olukhona, kuzobanzima ukuthi weseke uhlelo lokuvota kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu Umkhonto weSizwe, lakhala ngemiphumela yokhetho.
Leli qembu lakhala ngokuthi lirojiwe laze laya enkantolo lifuna kuqale phansi kubalwe amavoti.