KULINDELEKE ukuba ashaye ungqimphothwe, avume icala omunye wabalisa ababoshelwe icala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.
Umsolwa wesine, uMnuz Sibusiso Ncengwa, ufuna ukuvuma icala lokusoconga uMagaqa, njengoba kanye nabanye abasolwa babekade beliphikile icala ngesikhathi liqala ukuqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Kepha manje uNcengwa usefuna ukulivula icala futhi ufuna ukuthi elakhe icala lithethwe lodwa.
UNcengwa kanye nabanye abasolwa ababili, uMnuz Sibonelo Myeza noMbulelo Mpofana, bavele kafushane enkantolo, ngoLwesine.
Icala labo lihlehliselwe uMeyi 22. Ummeli kaNcengwa, u-Advocate Andrew Matlamela, utshele inkantolo ukuthi ngalolu suku bazofaka isicelo sokuthi icala likaNcengwa lithethwe eceleni.
Umbuso uyasiphikisa isicelo sokuhlukaniswa kwecala.
IJaji elibambile kuleli cala, uNkosinathi Chili, linqume ukuba icala lihlehlele uMeyi 22.
"Abasolwa bayaxwayiswa ukuba bafike enkantolo ngalolu suku lapho kuzolalelwa khona isicelo sikaNcengwa."
UNcengwa uvele udonsa isigwebo seminyaka engu-95 ejele, njengoba walahlwa yicala lokubamba inkunzi.
UNcengwa usanda kulaxaza uqweqwe lommeli, u-Advocate Shane Matthews.
UMagaqa wasocongwa ngo-2017, wadutshulwa ebuya emhlanganweni wamakhansela kuMasipala waseMzimkhulu. UMagaqa kukholakala ukuthi wabulawelwa ukulwa nenkohlakalo. Ukuqulwa kwecala sekubambezeleke izikhawu eziningi.
Omunye ummangalelwa kuleli cala, uMnuz Mlungisi Ncalane, kwatholakala ukuthi akakulungele ukubhekana necala emva kokuhlolwa ingqondo.