KUBATSHAZWA isihluku ephoyiseni elisolwa ngokubulala unina okuthiwa belimhlalele ngepulangwe elinezipikili kwaze kwalamula ukufika kwamaphoyisa, eClermont ngoLwesihlanu.
UConstable Lungisani “Mazambane” Xaba (46) osebenzela esiteshini samaphoyisa KwaDabeka uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko ngecala lokubulala unina uNkk Greta Xaba (81). Kuthiwa usagqunywe esitokisini esiteshini samaphoyisa esiKwaDabeka njengoba kulindeleke avele ngoMsombuluko ozayo ukucela ibheyili.
Umndeni uthe siyashaqisa isihluku okubulawe ngaso unina kamsolwa okuthiwa ubevele esengumuntu ohlezi ezilalele embhedeni ngenxa yokugula okuhambisana nokuguga.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe elingathandanga ukudalulwa lilandisa ngesigameko, lithe umufi uqale ukushaywa ngehora lesishiyagalolunye ebusuku umsolwa efika, kwaze kwaba kufika amaphoyisa.
“Uphuthunyiswe emtholampilo khona ebusuku ngaphambi kokuthi adluliselwe esibhedlela i-R K Khan. NgeSonto ekuseni sithole umbiko wokuthi ushonile. Bekuyinto yakhe ukumthuka ngayo yonke inhlamba kodwa ubengakaze ambeke isandla. Okuke kwenzeka ukuthi wamkhomba ngesibhamu, kanti kwesinye isigameko wamkhwifa ngamathe wamthela ngomchamo owawusesikigini njengoba bekuwumuntu obesebenzisa isikigi ngenxa yokugula,” usho kanje
Ubabaze indlela umgilwa abelimele ngayo, waveza ukuthi ngesikhathi ehanjiswa emtholampilo kwakungathi kunezimbambo eziphukile, kanti esinye isipikili athe sasalela engalweni ngesikhathi eshaywa, sakhishwa emtholampilo.
Uthe umsolwa uwumuntu ophuza kakhulu utshwala kangangoba nasemsebenzini ubeke alove izinsuku engalubhadi kuze kufike ozakwabo bezobuza ukuthi kwenzenjani. Yize kuvele ukuthi bekungokokuqala unina embeka isandla, kodwa leli lungu liveze ukuthi unina kamsolwa ubehleze ewabikela amaphoyisa ngokuhlukunyezwa yindodana yakhe, abelokhu ethembisa ukuthi ayakhuluma nayo.
Ikhansela kule ndawo uMnuz Khulekani Mbhele, lithe badumele ngalesi sigameko.
“UMazambane ngimazi kudala sikhula, bengingakaze ngicabange ukuthi uyosoleka entweni enje. Ngesikhathi eqala ukusebenza njengephoyisa ubegxile kakhulu ezintweni ezithinta umphakathi ehambela izikole eqwashisa ngamacala okuhlukumeza. Angikaze ngizwe ukuthi kanti ekhaya ubehlukumeza unina, ngithuke ngoma ngesikhathi ngifonelwa amalungu omphakathi engazisa ngokuthi useshaye unina. Ngimazi engumuntu wamancoko, ngiyasola ukuthi kukhona isidakamizwa abesesisebenzisa. Sidumele kakhulu ngalesi sigameko futhi siyazwelana kakhulu nomndeni siwumphakathi,” kusho uMbhele.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza usigxekile lesi senzo.
“Akwamukeleki ukuthi iphoyisa elithenjwe ngokuvikela abangakwazi ukuzivikela ukuthi lingenza lolu hlobo lobugebengu. Kuyibhadi ukuthi asikwazanga ukuvikela umzali endodaneni yakhe ebimhlukumeza, kodwa siyathobeka ukwazi ukuthi umsolwa uboshiwe. Sinxusa ukuthi anikezwe isigwebo esiqinile ngeke sivumele abantu abanjengaye bahlale emphakathini,” kusho uNkk Khoza.
Lo mnyango ujube ithimba losonhlalakahle ukuthi liyolekelela umndeni ngezeluleko zengqondo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uluqinisekisile lolu daba wathi idokodo lidluliselwe ophikweni oluphenya ngezenzo zamaphoyisa i- Independent Police Investigative Directorate, ukuze luphenye.