KWAKUNGOLWESIHLANU lukaMashi 12, 2021 ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi lishonile ilanga KwaZulu, kumenyezelwa ngokukhothama kweNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu.
UNdunankulu kaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi wakhipha isitatimende sabezindaba ebika ukuthi seliwulahlile uZulu.
UShenge wayebikile ukuthi iSilo sasingeniswe esibhedlela siyoxilongwa futhi kwakungalindelekile ukuthi sekungaba wukuhamba kwaso.
Wayezwakala ngisho ekhuluma emsakazweni okaMnyamana ukuthi inhliziyo yakhe ibuhlungu ephawula nokuthi ubethembe ukuthi useyotshalwa yiSilo uma ehamba kodwa sekuhambe sona kuqala.
UShenge waveza nokuthi kwenziwe konke okusemandleni ukuhlenga impilo yeSilo futhi besibhekwe yithimba lodokotela elisezingeni eliphezulu.
UMdlokombane walifulathela elakuleli ezintathakusa ngemuva kokuthi kade kuvele izindaba zokuthi isimo sithanda ukuba ngcono, kwakunethemba lokuthi useyowuphosa umbalane. Kwakuyizinsuku ezimbi kubhoke ubhubhane iCovid-19.
OkaBhusha obukhali, wayengeniswe esibhedlela Inkosi Albert Luthuli, eThekwini eyoxilongelwa isifo sikashukela kodwa waxhakathiswa yiCovid-19. UBhejane Phuma Esiqiwini, ukhothame eneminyaka engu-72 ubudala njengoba wayezalwe ngo-Julayi 27, 1948. Ubezohlanganisa iminyaka engu-74 ukube usadla anhlamvana. UyiSilo esabusa isikhathi eside kunazo zonke ngoba ubezohlanganisa iminyaka ewu-52 ebusa, wathatha isihlangu sikayise ngo-1971.
Indlela okwethusa ngayo ukuhamba kweSilo uMdlokombane kwangena amazwi enduduzo zinkalo zonke kanti uhulumeni wesifundazwe wabiza umhlangano ophuthumayo. Umhlangano kahulumeni wabe uzodingida ngendlela okufanele lusingathwe ngayo udaba ngoba kwabe kwenzeke into engajwayelekile.
Kuthe kusabatshazwa ukukhothama kukaMdlokombane, ngenyanga elandelayo ngoEphreli 29, 2021, kwabikwa ngokukhothama kukaNdlunkulu Mantfombi Shiyiwe MaDlamini.
UNdlunkulu waKwaKhangelamankengane wakhothama eneminyaka engu-68 kanti wayebanjiswe isihlalo ngesikhathi ekhothama.
UNdlunkulu uMantfombi uzalwa yiSilo saseSwatini, esingasekho uSobhuza II kanti ungowesithathu ukugana iSilo uZwelithini kaBhekuzulu. UNdlunkulu uMantfombi uzala iSilo esihleli esihlaweni uMisuzulu kaZwelithini owaziwa ngeleIndlulamithi. Ukukhothama kweSilo esidala silandelana noNdlunkulu waso kwalandelwa wumbango wesihlalo oshubile ngoba phela kwase kufanele kuhlonzwe ozothatha.
Nakuba iSilo sikhona kodwa umbango usaqhubeka njengoba kulindeleke kungene icala maphakathi nonyaka.