SEKULELE ezandleni zazo ukuthi ziyawasebenzisa yini amathuba ezikhonjiswe wona izitshudeni zaseDurban University of Technology (DUT) eziphothule uhambo lwamasonto amabili esifundazweni iFujian, eChina, ngoLwesihlanu.
Lezi zitshudeni ezingu-17 ezenza izifundo zolimi lwakhona iMandarin, zifulathele elakuleli ngoSepthemba 2, ukuyothamela i-summer camp ehlelwe yi-DUT Confucius Institute neFujian Agriculture and Forestry University (Fafu).
Kusuka zifika kuleliya zwe belungekho usuku lokuphumula njengoba bezehla zenyuka zihambela izigcinamagugu zifunda ngomlando waseChina, ikakhulukazi eFujian. Bezihamba nezitshudeni zaseFafu, lapho zifunde kabanzi ngomlando wenyuvesi.
Zihambele nezindawo eziningi ezigcina umlando okubalwa kuzo enomlando wemisebenzi kamengameli wezwe, uMnuz Xi Jinping eFujian, ngaphansi kohlelo olubizwa nge-3820.
Zibuye zayofundiswa ngomsuka wetiye i-jasmine tea njengoba itiye liyingxenye enkulu yomlando waseChina.
Zifunde nangokusetshenziswa kobuchwepheshe be-juncao okuwutshani obukhiqiza amakhowe osebalethwa naKwaZulu-Natal ngo-2005.
Ezinye izindawo ezihanjelwe kubalwa nezinye izikhungo zemfundo ephakeme ukuyochazelwa ngamathuba akhona.
Njengoba iChina yaziwa njengezwe eliseqhulwini ngakwezobuchwepheshe, izitshudeni ziyiswe eChina Fujian VR Experience Center. Khona kutshenziswa ubuchwepheshe be-virtual reality ukwenza ezemfundo zibe lula kanjalo nezikaqedisizungu okuthi uma ufake izibuko zakhona kube ngathi uyingxenye yakho.
Ziye nasesikhungweni i-Brickz PartNIR Innovation Center nasembukisweni wamabhizinisi iChina International Fair for Investments & Trade.
Bezingagcini ngokufunda kuphela kodwa beziphinde zidle nokudla kwakhona.
Yize izitshudeni zikhombise ukukujabulela ebezifundiswa ngakho kodwa kuhambe izinsuku kwaba nokuhhumuzela, kokunye zithengelwe ukudla okusheshayo kwasezitolo ezikhona eNingizimu Afrika ngoba sezikhathele ezingakujwayele kwakuleliya zwe. Nokushisa bekungazibekile phansi kwazise yisehlobo nobekudala abanye bekhale ngokukhathala.
Zonke zibuye ziphephile yize kuke kwaba novalo lokuthi esinye sizogcina siyohlolwa ngoba besikhala ngezinhlungu ngasenhliziyweni.
Umqondisi we-DUT CI, uMnuz Frank Lin Wu ekhuluma nezitshudeni, uzigqugquzele ukuthi ziwathathe amathuba ezikhonjiswe wona.
“Uma ninamaqhinga okuqhamuka nezinto nokuqeqeshelwa amabhizinisi, nikhululeke nisazise ukuze sizobona ukuthi sinisiza kanjani,” kusho uWu.