UKUSATSHISWA nokuhlaselwa kwabaphethe amanyuvesi namakolishi amakhono kuleli, iziteleka zezitshudeni ezihambisana nodlame nosomabhizinisi abafuna ngodli imisebenzi kulezi zikhungo, ngezinye zezinto ezenza abaphathi baqinise ezokuphepha njengoba iningi labo linabaqaphi.
Amalungu ekomiti lemfundo ephakeme ePhalamende, azwakalise ukukhathazeka ngokugadwa kwabaphathi balezi zikhungo njengoba kuthiwa iningi imali echithwa yizikhungo ukubaqapha.
Ezinye zalezi zikhungo ezinenqwaba yonogada kanjalo nama-bodyguard, yinyuvesi yaseZululand, oNgoye, inyuvesi yaseVenda, inyuvesi yaseKapa, eyaseFree State kanjalo neDurban University of Technology.
KwaZulu-Natal othishanhloko bamakolishi amakhono amahlanu, bayagadwa emuva kokuthola izinsongo nokusatshiswa.
USihlalo wekomiti uNksz Nompendulo Mkhatshwa, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ezikhungweni abazivakashela kunamaqembu osomabhizinisi asabisa izikhungo efuna imisebenzi ngenkani.
Uthe eminye yale misebenzi ifaka ukwakha neminye ethinta ukugada.
Ubalule ukuthi cishe zonke izikhungo zihlinzeka abaphathi ngonogada.
“Akuyona into enhle ukuthi kube sengathi yisejele ngendlela okugadwa ngayo ezikhungweni zemfundo kodwa uma impilo yomuntu isengcupheni kumele avikelwe njengoba kube nesehlakalo sokubulawa komqaphi womphathi wasenyuvesi iFort Hare, okusolakala ukuthi wasocongwa.”
UMqondisi jikelele walo mnyango, uDkt Nkosinathi Sishi, uthe noma engenazo izibalo zokuthi kubiza malini ukuqasha onogada oNgoye kodwa le nyuvesi iyona ezihola phambili ngokuba nonogada abaningi.
“Le nyuvesi iyona enesibalo esiphezulu sonogada noma singatholanga ukuthi kubiza malini ukubaqasha. Le nyuvesi ilandelwa ngeyaseGoli ngokuba nesibalo esiphezulu sonogada abazimele, kulandele eyaseFort Hare namanye okubalwa ne-DUT,” kusho uSishi.
Uthe abafuni lezi zikhungo zigcine sezifana namajele.
“Abanye abaphathi bathola ukusatshiswa ngocingo, abanye ngama-email. Kuthi uma kuphenywa kutholakale ukuthi kwabanye abukho ubungozi obutheni kodwa kwabanye bukhona ubungozi obukhulu ngakho kudingeka ahlinzekwe ngabaqaphi.”
Kulo mhlangano kuvele ukuthi lo mnyango usebenzisana nombutho wamaphoyisa kuleli, ukuhlonza labo abadinga abaqaphi.
UMnuz Sam Zungu obhekele amakolishi, uthe cishe abaphathi balezi zikhungo banabaqaphi ngoba bayasatshiswa e-KZN.
Uthe basatshiswa yilabo abafuna umsebenzi ngenkani wathi kwesinye isikhathi kuma nse imisebenzi yokwakha ngenxa yalokhu.
“Kwezinye izikhungo kuphela izinyanga kume nse ukusebenza ngenxa yokusatshiswa. Le nto idinga ukuthi kube nokungenela okuthile ngoba kuyaphazamisa.”
Kubuye kwavela nokuthi kwezinye izikhungo uma kuneziteleka abezinkampani zonogada banyusa kakhulu imali ngoba basuke bazi ukuthi bayadingeka ngoba isimo sisuke sishubile.
Okunye okuvelile ngukuthi kuncane ukusebenzisana phakathi kwamaphoyisa nezikhungo.
Okunye futhi okuvelile ngukuthi kudingeka kuqiniswe ezokuphepha ezindaweni eziningi ezihlala izitshudeni ngoba yilapho kwenzeka khona amacala athinta ukudlwengula, ukushaya nokweba.