KUSOLWA ukuthi kukhona ophambanisele umholi wesikhashana wentsha yoMkhonto weSizwe, uBonginkosi Khanyile ongeniswe esibhedlela sekushawa imithandazo. UKhanyile, obesanda kuthethiswa yiqembu ngokudlebeleka, ungeniswe esibhedlela eGoli.
UKhanyile wazakhela udumo ngomkhankaso wezitshudeni i#FeesMustFall ehamba phambili waze waboshwa. Ngaleso sikhathi wayengaphansi kophiko lwabafundi i-EFF Student Command efunda e-DUT.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi uKhanyile ukhale ngokungazizwa kahle kubonakala ukuthi kuthanda ukumqinisa.
“Kukhona isandla semfene esisisolayo ngendlela okwenzeke ngayo kodwa akukacaci kahle ngoba odokotela bazohlola basinike umbiko. Akukubi kakhulu kona sekuyathembisa impela,’’ kusho ingede yeSolezwe engafunanga ukudalulwa.
Ingede ngesikhathi ikhininda lezi zindaba ithe ubengakadedelwa esibhedlela kodwa kubukeka sengathi odokotela bayayinqoba impi. Ingede yeSolezwe ithumele isithombe sikaKhanyile esesibhedlela efakwe ubuxhakaxhaka bakhona kodwa ebukeka sengathi akaxinekile kangako ephethe i-laptop.
Okhulumela uMkhonto weSizwe uMnuz Nhlamulo Ndlela, uthe akakwazi ukuphawula ngezindaba ezithinta impilo yomuntu. Uthe akwaziyo wukuthi uKhanyile ubonane nodokotela eyohlolwa nje okwejwayelekile asikho isidumo asaziyo.
UKhanyile uzanywe kaningi ocingweni lwakhe obelungangeni nhlobo. Kwenzeka konke lokhu nje kade esanda kubonakala kuma-video edloba. UKhanyile ubebonakala ekhaca abantu ekhombisa ukuba nolaka.
Kwenye i-video ubonakala ekhuluma izindaba zombutho ezithinta izikhundla. Uke wabonakala ebhoka ethi kufanele lo mbutho uholwe owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
Wabuye wathi uMnuz Jabulani Khumalo kufanele akhohlwe wukuthi uzohola umbutho. UKhumalo nguyena okuthiwa wumsunguli nowabhalisa iqembu uMkhonto weSizwe.
Emuva kwalezo zigameko uKhanyile ubizelwe emhlanganweni weqembu lapho okuthiwa ubeyosolwa khona ngokungaziphathi kahle. Iqembu likuqinisekisile lokhu lathi baxoxile noKhanyile wakhuzwa.
Ujoyina uMkhonto weSizwe nje ubexoshwe kwiPatriotic Alliance ngecala lokuhambela umhlangano weMK.
UMkhonto weSizwe osematheni kulezi zinsuku, umenyezelwe ngokusemthethwnei ngoDisemba, uZuma wathi usehamba nawo. UZuma wakhala ngokuthi i-ANC yamanje akuseyona le ayeyijoyine ekuqaleni kodwa sekungekaMnuz Cyril Ramaphosa.