UBANZI futhi ujulile umlando wezigodlo zeNdlunkulu futhi zingamagugu esizwe lezi zinxuluma zamakhosi kaZulu.
Kusukela oNdini, kuya kwaNongoma, nasoPhongolo kuze kuyoshaya ngasemngceleni eNgwavuma, izigodlo ziqaqele amagquma namathafa. Lawa magugu esizwe ayifa eliba ngaphansi kweso lesilo esibusayo ngaleso sikhathi kanti ngokwenqubo yanamuhla iningi lezigodlo linakekelwa ngesabelozimali esiphuma kuhulumeni.
Ngaphezu kwalokho zonke izigodlo zinemfuyo enemihlambi engenakubalwa ngoba nsuku zonke, abasuke bezokhuleka khona bafika nezinkomo nokunye. Wonke umnotho ufinyelela ezigidini uma uphendulwa ngokwemali yanamuhla.
ISilo uZwelithini kaBhekuzulu, sikukhuthalele kakhulu ukuvuselelwa kwezigodlo nokwakha ezinye ngoba besinondlunkulu abayisithupha.
Isigodlo KwaKhethomthandayo kwaNongoma, yilapho kuhlala uNdlunkulu uSibongile MaDlamini, okunguyena omdala ngokokugidela inkosi.
Ngesikhathi kusanda kukhothama iSilo, uNdlunkulu uMaDlamini nguyena owayefake isicelo enkantolo efuna ukuthola ingxenye yamafa eNgonyama. UNdlunkulu uMaDlamini wabeka isizathu sokuthi washada ngokomthetho wesilungu ohlanganisa amafa ngakho unamalungelo emafeni eSilo.
Kukhona isigodlo esiKwaDlamahlahla, naso esikwaNongoma, lapho kuhlala uNdlunkulu uBuhle uKaMathe, ongowesibili (ikhohlwa) ukusinela iSilo. Kube nesaKwaKhangelamankengane khona kwaNongoma, obekuhlala osewakhothama uNdlunkulu uMantfombi uMaDlamini ongowesithathu (iqadi), ukusinela iSilo. UNdlunkulu uMaDlamini uzalwa yiSilo uSobhuza II yaseSwatini kanti ungudadewabo weSilo uMakhosetive Dlamini, owaziwa ngelikaMswati III.
UNdlunkulu uMantfombi udlule emhlabeni ngo-2021, walandelana eduze neSilo uZwelithini. Uzala iSilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini. UNdlunkulu uManftombi ulokhu esematheni ngenxa yokuthi walotsholwa yisizwe nokwaholela ekutheni azale iNgonyama, ethathwa njengendlalifa. Yilo lolu daba oluwumbango ezinkantolo okulindeleke ukuthi kunqunywe ngalo maduze.
Kunesigodlo KwaLinduzulu, esikwaNongoma lapho kuzinze uNdlunkulu uThandekile uMaNdlovu, ongowesine ukusinela iSilo esidala.
Kube khona eNyokeni, lapho kutholakala uNdlunkulu uNompumelelo kaMchiza, ongowesihlanu ukusinela iSilo esidala. Isigodlo eNyokeni sidume ngenxa yokuthi imikhosi emikhulu njengowoMkhosi woMhlanga, ivame ukubanjelwa khona minyaka yonke.
Kukhona isigodlo sasoNdini lapho kugoye uNdlunkulu uZola kaMafu, ongowesithupha ukugcagcela iSilo esidala. Okuqaphelekayo naye uNdlunkulu ukaMafu udabuka eSwatini, njengoNdlunkulu uMaDlamini waKwaKhangelamankengane. Okunye okusemqoka ukuthi isigodlo seSilo uCetshwayo kaMpande, Ondini sasikule ndawo futhi kubukeka sengathi kwakuvuswa sona.
INgonyama uCetshwayo isemlandweni ngokunqoba amaNgisi eSandlwana.
Kukhona isigodlo Osuthu khona KwaNongoma, singesinye esilawulwa yiNgonyama eyakhothama. Kukhona esiseMachobeni, eNgwavuma, nokuyilapho okwenzelwa khona uMkhosi waMaganu njalo ngonyaka.
ISilo esibusayo manje sisanda kwethula isigodlo KwaNkomonye, oLundi, okuvela ukuthi sasivele sikhona kodwa singagqamile, sase silungiswa kabusha kwathiwa kuzoba yisigodlo seSilo esibusayo.