IZAZI zezilimi zihlanganyele ndawonye kwi-International Conference of the African Languages Association of Southern Africa (ALASA), ehlelwe ngokubambisana phakathi kwePan South African Language Board (PanSALB), neNyuvesi iKwaZulu-Natal (UKZN).
USihlalo wengqungquthela obuye abe yisifundiswa e-UKZN uDkt Sanele Nsele, uthi umbuthano ubophele izazi zezilimi ezehlukene eziphuma ezikhungweni ezahlukene. Wathi inhloso wukubhunga ngekusasa lezilimi zesintu nokuthi kucutshungulwe ngamathuba akhona ezinhlakeni ezahlukene okubalwa kwezemfundo, kwezamabhizinisi nakwezobuchwepheshe besimanje.
UDkt Nsele uthi bahlose ukukhuthaza nokuthuthukisa izilimi zesintu nokugqugquzela ukusetshenziswa kwazo ezinhlakeni ezahlukene kanye nokusetshenziswa kwazo lapho kuthuthukiswa ezobuchwepheshe.
Izazi ezihlangene zidingida izihloko ezithinta ukuhumusha nokutolika, ukusetshenziswa kukaliminingi ezikoleni ngenhloso yokukhuthaza abafundi ukuba bakuthakasele ukuthola ulwazi ngolimi lwebele kanjalo nokuthuthukisa ubuchwepheshe obusebenzisa ulimi lwesintu.
Ingqungquthela iqale ngoLwesibili izogoqwa ngoLwesihlanu.