UMSUNGULI wenhlangano, iHlangana Zayoni, uMfundisi Thulani Gwala, uthi kumele kushumayelwe ivangeli lokuzithuthukisa emabandleni aseZayoni kanti bahlela ukugubha iminyaka ewu-118, zasungulwa.
UMfu Gwala uthi kuyajabulisa ukuthi sekuphele iminyaka engaphezulu kwekhulu kwabunjwa iZayoni, eNingizimu Afrika. Uthi kumqoka ukuthi amalungu abhukule azithuthukisa ngezindlela ezahlukene.
Eqhulwini uGwala ukhulume ngemfundo wathi, kumqoka ukuthi emabandleni aseZayoni kushunyayelwe ngokubaluleka kwemfundo. Uthe akangabazi ukuthi kungadala ukuthi ibandla linyukele kwelinye izinga.
“Kuningi okufanele siqinisekise ukuthi kuyenzeka ebandleni laseZayoni. Njengoba sibungaza iminyaka eminingi kangaka, ngikholwa ukuthi kumele sikhulume ngemfundo emalungeni aseZayoni,’’ kusho uGwala.
Uphakamisa ukuthi kube nengqungquthela yeZayoni lapho ubuholi bebandla buzobhunga kabanzi ngenqubomgomo yalo futhi igunyazwe.
“Ngikholwa ukuthi kuningi okusafanele iZayoni zihlale phansi, zikhulume ngakho. Ngicabanga ukuthi kungenzeka kalula uma kungathiwa siba nengqungquthela lapho kuzodingidwa kabanzi ngezinto ezimayelana nebandla,’’usho kanjena.
Ephawula ngabefundisi abangamaklume, okusa ngakusasa sebegcotshiwe, uthe ngenye yezinto okumele ibhekisiswe ngeso elibanzi eZayoni.
“Ukugcoba umuntu kuhamba ngokwezigaba zakhona nazo kumele kuqinisekiswe ukuthi ogcotshwayo uyazilandela. Kumele kube khona okwenziwayo ukuze kulunge izinto,’’ kusonga uGwala.