Siyoyicela ivuthiwe
Kunenkolelo yokuthi inyama yenja uma uyiphekile ayivuthwa, ilokhu ibila umlibe ikhala igazi uze uyeke ukubasela. Kuyinhlamba nomhlolo ukudla inyama yenja KwaZulu ngoba iyisilwane esingadliwa. Uma bethi siyoyicela ivuthiwe, kusuke kushiwo inyama ngoba kwaziwa vele ukuthi ngeke ivuthwe. Basuke besho esimeni sento ebukeka ingeke ilunge.
Lokhu kujwayele ukushiwo uma umuntu enza into engafanele, abasuke besho kanje basuke besho njengokwexwayisa, njengokuthi siyoke sibone sekulunga.
Lishisa likhipha umkhovu etsheni
Kunenkolelo yokuthi abathakathi bayabathwebula abantu kwaziwe ukuthi umuntu washona kanti umthakathi wamphendula umkhovu ngemithi yakhe. Imikhovu isetshenziswa ngabathakathi ukugila imikhuba yabo.
Kwaziwa ukuthi imikhovu ifihlwa emigedeni phakathi kwamatshe bayikhiphe ebusuku uma beyisebenzisa. Uma kuthiwa libalele likhipha umkhovu etsheni kushiwo ukuthi kwayona imikhovu ishiselwa kakhulu igcine iphuma ematsheni, ifuna ukushawa wumoya.
Abantu bajwayele kakhulu ukukusho lokhu uma ilanga lishisa kakhulu ngokweqile. Kuba yindlela yokubabaza kodwa abanye abaqondi ukuthi kusukela kuphi.
Olunye ulwazi lucashunwe encwadini esihloko sithi Siphuza Emithonjeni Yokhokho ebhalwe wuPhumani Emmanuel Zondi.