Nalapho okungenaqhude khona kuyasa:
Iqhude kuqala belinomsebenzi obalulekile wokubikela abantu ukuthi sekusile ngoba amawashi ayengandile kudala. Bekukhala iqhude ekuseni abalele bavuke bayoqala usuku.
Bekwenzeka kube nomuzi ohlwempu kungabibikho ngisho inkukhu egcekeni kodwa lokho akuchazi ukuthi ngeke kuse kulowo muzi. Uma kuthiwa nalapho okungenaqhude khona kuyasa kusuke kuchazwa isimo esivele sajika kade singathembisi.
Uma umuntu ozalwa emzini obubukelwa phansi avele ashintshe aphumelele amangaze abaningi. Kulapho okuthiwa khona nalapho okungenaqhude khona kuyasa.
Seliya ngomtsha wendoda:
Imvunulo yendoda kuba yibheshu elakhiwa ngesikhumba, imvamisa kuba yisikhumba senkomo. Ibheshu liba wumdada ngoba yilona elisitha izinqa.
Okusitha isitho sangasese ngaphambili kuba yisinene sona esakhiwa ngezinjobo. Izinjobo amashoba enziwe ngemisila yesilwane okuthiwa yinsimba. izinjobo ziba phambili zisithe ubudoda bomuntu wesilisa.
Emaceleni kuba wumutsha wona mfushane kunezinjobo futhi uvela sakusithela phansi kwazo. Uma ilanga seliyoshona liya ngokuya livela kancane njengomutsha wendoda kususelwa lapho ukuthi ilanga seliya ngomutsha wendoda.
Olunye ulwazi lucashunwe encwadini kaPhumani Emmanuel Zondi ethi Siphuza Emithonjeni Yokhokho.