IYAQONGA ingcindezi yokuthi azinikele kwabezomthetho ukuze zimkhalele uSomlomo wePhalamende osahlabe ikhefu uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ochithwe inkantolo enkulu ePitoli esicelweni sakhe sokuthi angaboshwa.
Le nkantolo, ngoLwesibili, imchithe nezindleko uNkk Mapisa-Nqakula kulesi sicelo sakhe esiphuthumayo, kulandela ukukhalaza ngokuthi uyazi uphiko lwezokuShushisa lumfuna ukumhlambalaza ngokumbopha esidlangalaleni ngamacala enkohlakalo.
Usolwa ngokwamukela intshontsho le mali nezipho okwevile kuR4 million, ngesikhathi esanguNgqongqoshe wezokuVikela.
Amaqembu asePhalamende i-UDM ne-EFF, athe kumele aboshwe ngokushesha uNkk Mapisa-Nqakula.
Umholi we-UDM uMnuz Bantu Holomisa unxuse abezomthetho ukuthi bangapholisi maseko kodwa bambophe ngokushesha uNkk Mapisa-Nqakula.
Uthe bayasamukela isinqumo senkantolo wathi akaye emaphoyiseni.
“Sabhalela ikomiti lezokuVikela ngoMashi 2021 ngesikhathi kuvela izinsolo zokuthi uNkk Mapisa-Nqakula wakhokhelwa imali eyevile kuR5 million, kusuka ngo-2017 kuya ku-2019.
“Ngatshelwa ukuthi lezi zinsolo angiye kozibika emaphoyiseni, nokuyinto engayenza. Silinde uNkk Mapisa-Nqakula ukuthi enze okufanele, asifuni ukuthi siye ePhalamende silokhu siyobhunga ngokungabethembi ubuholi bakhe ngoba simatasa sikhankasela ukhetho. Yena nje akaziyele emaphoyiseni, ayoboshwa,” kusho uHolomisa.
I-EFF ithe akekho ongaphezu komthetho ngakho akaboshwe.
Ithe abezomthetho abambophe ngokushesha ukuze abhekane nalezi zinsolo.
“Ngeke sibavikele abantu abadayise abanye ngokuthi bagwazelwe ngemali. Simfuna ehlile esikhundleni sakhe ePhalamende. Sinxusa wonke amaqembu ukuthi aseke isiphakamiso sokuthi akhishwe ngevoti ePhalemende,” kusho i-EFF.
Okhulumela i-ANC uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bayasamukela isinqumo senkantolo wathi bayawuhlonipha umthetho ukuthi uthathe indawo yawo.
Uthe bazolandela umgomo wenhlangano wokuthi kumele ahoxe njengokomyalelo wemigomo yenhlangano kulabo abasuke bebhekene namacala.
USotswebhu we-DA uNksz Siviwe Gwarube uthe sebebhalele iBamba likaSomlomo uMnuz Lechesa Tsenoli, befuna ahlalise ngokushesha iPhalamende ukuze kubhungwe isiphakamiso sobungabuthembi ubuholi bukaNkk Mapisa-Nqakula.
Uthe kumele uSomlomo aphendule kulezi zinsolo wathi nemigomo yendlu iyasho ukuthi lesi siphakamiso kumele sisheshe sihlale.
“Siyasamukela isinqumo senkantolo esiveze ngokusobala ukuthi abantu ababhekene nezinsolo ezifuze lezi abakwazi ukubaleka bangashushiswa. Akekho umuntu ongaphezu komthetho kuleli, ” kuphetha uNksz Gwarube.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa u-Advocate Mthunzi Mhaga, akafunanga ukudalula ukuthi bazombopha nini uNkk Mapisa-Nqakula wathi kodwa umthetho uzothatha indawo yawo.