KUNXUSWE abasebenzisa umgwaqo ukuba bahloniphane ngesikhathi iMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ubuholi bukamasipala, amaphoyisa omgwaqo, abophiko lwezicishamlilo nabeKZN Ezemvelo Wildlife benesivimbamgwaqo kuN2.
Kulesi sivimbamgwaqo bekubhekwa ukuthi izomoto zisesimeni sokuba semgwaqweni, abashayeli banazo izincwadi zokushayela nokuthi izimoto zithelile.
Bekubhekwa nokuthi akukho yini okungekho emthethweni obekuphakathi ezimotweni.
Kulesi sivimbamgwaqo kukhishwe amathikithi abatholwe beshayela izimoto ezinama-disc aphelelwe yisikhathi, kwatholwa nomshayeli obelayishe inqwaba yezinhlanzi ngaphandle kwemvume.
UBhengu uthe njengoba kunalesi sivimbamgwaqo, banxusa abashayeli ukuba bahloniphe imithetho yomgwaqo futhi bangaphuzi amanzi amponjwana bese beyashayela ukuze bagweme izingozi ezigcina zibizwa ngokuthi ezePhasika.
"Sifisela bonke abazoya ezinkonzweni ukuthi bahambe kahle, baphephe, bakhonze kahle, babuyele emindenini yabo bephephile," kusho uBhengu.
Uthe njengoba imvula ina umlibe, banxusa abashayeli ukuba bacophelele nemiphakathi ukuthi ihlale iqaphile ikakhulukazi abawela imifula nabakhe ezindaweni eziseduze nemifula.
Uthe njengoba imvula ina, iphazamisa nezinye izinhlelo zentuthuko abazenzayo emphakathini kodwa bacela ukuba izakhamuzi zomkhandlu zibekezele.
Uveze ukuthi ezinye izinhlelo uzozimemezela ngoLwesibili uma esethula isabelomali nezinhlelo zentuthuko edidiyelwe enkundleni yezemidlalo KwaSokhulu.