KUNENHLANSI yethemba empini yokulwa nobugebengu kuleli njengoba kunezinhlelo zokulungiswa kwesikhungo okubikwa kusona ubugebengu kuleli, i-10111.
Lokhu kuvezwe nguMqondisi jikelele ehhovisi likamengameli, uNksz Phindile Baleni, neNhloko yoKlebe, uLieutenant General Godfrey Lebeya, abathe maduzane umphakathi uzokwazi ukusebenzisa le nombolo ukubika izehlakalo zobugebengu.
ULebeya uthe lokhu bakwenza ngokuhlanganyela nosomabhizinisi bakuleli.
“Sifuna ukusishintsha lesi sikhungo ukuze umphakathi ukwazi ukuqhubeka ubike amacala obugebengu. Lezi ngezinye zezinhlelo zokuqinisa ukulwa nobugebengu kuleli.”
Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikhungo sibhekene nezinkinga njengoba kuke kuphele isikhathi singasebenzi, abantu bangakwazi ukubika amacala.
UNksz Baleni utshele abezindaba ukuthi mkhulu umsebenzi osuwenziwe ngaphansi kobudlelwano abanabo nalabo somabhizinisi emkhakheni ehlukene okubalwa nokulwa nobugebengu kuleli.
Uthe kuhle ukuthi labo somabhizinisi bafaka isandla empini yokulwa nobugebengu kuleli.
“Indaba yesikhungo i-10111 ngenye yezinto ezolungiswa ukuze kuqiniswe impi yokulwa nobugebengu. Uma sekulungiswe yonke into sizovivinya indaba yalesi sikhungo ekomkhulu laso eMidrand.”
Uthe kunezinye izinhlelo zokuthi kusungulwe iForensic Laboratory ukusheshisa izinto ezithinta uphenyo.
“Ukuphasiwa komthethosivivinywa, iNPA Amendment Bill, kuzoqinisa kuphinde kwenze uphiko lwezokushushisa luzimele. Lokhu kuzokwenza ukuthi ziqhubeke izinhlelo zokulwa nenkohlakalo kuleli,” kusho uLebeya.
UNksz Baleni uthe ngaphansi kwalokhu kusebenzisana nosomabhizinisi sekwehlise ukucishwa kukagesi kuleli.
“Kwehlile ukucishwa kukagesi ngo-61% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Lokhu kwenziwe wukuthi kubuye ukusebenza kwesikhungo sikagesi, iKusile, kanjalo nezinhlelo ezikhona zokuthi kufakwe ama-solar ophahleni lwezindlu.”
Uthe ziyaqhubeka izinhlelo zokuqeda le nkinga njengoba sekunebhodi eliqokiwe enkampanini, iNational Transmission Company of South Africa (NTCSA). Maduzane kunezinhlelo zokuthi le nkampani iqale ukusebenza.“
Uveze ukuthi izinhlelo zalo nyaka wukuthi kunyuswe ugesi okhona kuleli ufinylele ku-11.5 GW.
Ubalule nokuthi izinkinga ezibhekene nokuthuthwa kwempahla kuleli ziyalungiswa.
“Uhulumeni nosomabhizinisi bayazilungisa ezithinta nokuphuculwa kwezithinta ukuthuthwa kwempahla kusetshenziswa amaguzu. Sikhuluma nje sesehlile nesibalo semikhumbi ebibhajwe echwebeni laseThekwini. Amaphoyisa amatasa nezinhlelo zokuqapha ingqalasizinda.”